Abashayeli bezimoto ezincane bathi bayahlaselwa
PHUMLANI GAMA
BAKHALA ngesibhaxu esidedelwa ngosomatekisi abashayeli bezimoto ezincane ezindaweni ezahlukene emadolobheni aseMkhanyakude. Abashayeli bezimoto ezincane ikakhulukazi amaToyota Avante, bathi sebephelile yinduku beshaywa ngabashayeli bamatekisi, abanikazi bawo nabasizi bale mboni. Kubangwa ukulayisha amalungu omphakathi ahambela kulawa madolobha. Lo mkhuba udla lubi kakhulu eMkhuze, eJozini, eBhambanana, kwaSkhemelele kanye naseMbazwane. Ezinye zezigameko zenzeka phambi kwaleli phephandaba, la-pho khona kuyaye kuthi uma kuvela imoto yohlobo lwe-Avante, abanikazi bamatekisi bayivimbe. Uma befika kuyona babuza umshayeli wayo ukuthi ulithathaphi igunya lokwenza umsebenzi wabo ngoba yibona abagunyazwe ukuba balayishe abantu.
Uma kwenzekile wazama ukuchaza kuyaye kuthiwe makaveze ucingo lwakhe aphinde, aveze nezinombolo zezingcingo zabagibeli abasemotweni, kuthiwe makabafonele bonke abangaphakathi emotweni. Uma kwenzekile wehluleka ukwenza njalo usuke esezobola yisibhaxu. Abanye batalajwa phambi kwamalungu omphakathi maqede bayolaliswa esibhedlela. Isigameko sakamuva senzeke edolobheni laseBhambanana lapho kusuke esinamathambo, abantu behayiza bezama ukuzivikela ukuthi bengashayiswa yi-Avante ebixoshwa yi-Quantum.
Amalungu omphakathi akhulume neLANGA aveze ukuthi okuwakhathazayo nokwenza ukuthi kube novalo ngokuphepha kwawo, wukuthi nsuku zonke abanikazi bamatekisi babamba imihlangano, behlanganisa izinhlelo zokubhekana nabashayeli bezimoto ezincane. Ngakolunye uhlangothi nabo abashayeli bezimoto ezincane bayaye babonakale beme izixongololo, bezihlela ukuthi bazobhekana kanjani nabamatekisi. Sekuyaziwa nokuthi uma itekisi iphume eBhambanana ixosha imoto encane akufanele idlule eMakwakwa ejikeni eliya eNdumo, ngoba ngeke ibuye, ngoba leyo ndawo seyaphenduka i-renki yabashayeli bezimoto ezincane.
Akuwona ama-Avante kuphela avinjwayo kodwa kukhona nezinye izinhlobo zezimoto osekwaziwa ukuthi abanikazi bazo balayisha ngazo abantu abasuke bengafuni ukuya ematekisini. UMnu Sizwesamaqwabe Gumede waseBhambanana, oyilungu lomphakathi elisebenzela eJozini, uthi yena ugibela noma iyiphi imoto ngoba isikhathi esiningi uhlala ephuthuma emsebenzini. Omunye wabashayeli bezimoto ezincane okhulumela naleli phephandaba ocele kugodlwe igama lakhe, uveze ukuthi useshaywe kwaze kwaba ngamahlandla amathathu. “Siyakuqonda ukuthi bathenga amatekisi ngezikweleti. Bawakhokhela imali eshisiwe nyangazonke, futhi ayadliwa uma sebehluleka. Akukhona ukuthi sidelela umsebenzi wabo kodwa yingoba sizama ukuziphilisa nathi njengoba kubona ngisho ingane encane ukuthi imisebenzi kayikho lapha eNingizimu-Afrika.
“Ngike ngashaywa izinsuku zilandelana. Ngashaywa ngabaseBhambanana. Ngakusasa ngashaywa ngabaseJozini. Bekungekhona okokuqala njengoba phambilini ngike ngashaywa phambi kukamama wengane yami,” esho. ILANGA lixhumane noMnu Boy Zondi, uSihlalo weSantaco, Kwa-Zulu-Natal, uthe kazikajwayeleki izigameko ezifana nalezi kule mboni. Uthe iyodwa indlela yokugwema isimo esifana nalesi, wukugcinwa komthetho. Uthe uyedwa umuntu onelungelo lokulayisha abantu, bamkhokhele imali, ngumuntu onemvume ayi-nikwa wuMnyango wezokuThutha kuphela. “Asikukhuthazi ukuthi abashayeli nezisebenzi zethu ukuthi zi-shaye abantu, kodwa sinxusa ukuba babike emaphoyiseni ukuze kuzoba lula ukugcinwa ko-mthetho,” kusho uMnu Zondi.