UTau noZungu bathembisa ukudlulela kwi-last 16
MFANAFUTHI NDLOVU
UVUMA eyokuqhubeka kwesifo esidala esihlasele ibhola laseNingizimu Afrika uPercy Tau oyisilomo seBafana Bafana enomdlalo obucayi neMorocco wokusonga isigaba samaqoqo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) onamuhla ngoMsombuluko ngo-18h00 e-Al Salam Stadium, e-Egypt.
Komunye umdlalo waleli qoqo i-Ivory Coast ehlulwe yiMorocco ngoLwesihlanu, izobhekana neNamibia ngesikhathi esifanayo e-30 June Stadium.
UTau oqokwe njengomdlali ovelele iBafana ihlula iNamibia ngo-1-0 wegoli likaBongani “Ben 10” Zungu ngoLwesihlanu ebusu-ku e-Egypt, uthe nakuba bewuja-bulela lo mphumela kodwa baze-nzele phansi behlulwa yinqwaba yamathuba abawakhile.
Isifo sokushwetshwa kwamathuba yinto nabaqeqeshi bamakila-bhu agijima kwiPremier Soccer League (PSL) abahlale bekhala ngayo njengoba kungasajwayelekile ukuthi kube nomgadli ohlo-hla amagoli angaphezulu kwawu-20 ngesizini kwiPSL.
“Ngicabanga ukuthi sidlale kangcono kakhulu sibhekene neNamibia kunangesikhathi sihlulwa yi-Ivory Coast ngo-1-0.
“Okuhle wukuthi kwiNamibia sikwazile ukushaya igoli. Empeleni bekumele sinqobe ngamagoli amaningi kwazise sakhe amathuba amaningi kodwa sa-hluleka ukuwasebenzisa ngendlela,” kusho uTau.
Lo mdlali ugcizelele ukuthi basebenzela ukuqinisekisa ukuthi bathola umphumela abawudinga-yo emdlalweni neMorocco esivele seyingene ngomlenze owodwa esigabeni sika-last 16 salo mqhude-lwano.
Okumumisa isibindi uTau ngokudlulela esigabeni esilandelayo kweBafana wukuthi ukholwa wukuthi sebehlangene kahle.
Amazwi kaTau enanelwe nguZungu obukeka ebuya ngeshodi ekulimaleni. Uthi okumqoka kunakho konke ngamaphuzu.
“Ngethemba ukuthi sesizoqhubeka nokulokhu silenyuse njalo izinga ukuze sihambe iba-nga elide kulo mqhudelwano.
“Umdlalo neMorocco uzokuba nzima kakhulu. Nokho sizimisele ngokubuya nomphumela ozosiwe-lisela esigabeni somkhumulajezi,” kusho uZungu.