Kukhalwa ngesihluku kubulawa abahlanu bomndeni ngocelemba

287

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUSENZIMA ukukholwa ngakubone ngamehlo akhe omunye womakhelwane womndeni wakwaGumede, eMgodini, e-Edendale, eMgungundlovu, ngemuva kokuwafica edindilizile ehlahlelwe ngocelemba ngeledlule.

Lo makhelwane ocele ukungadalulwa ngenxa yokusabela impilo yakhe, uthi akaboni ukuthi uyoke esikhohlwe lesi sigameko, futhi uthi akakholwa ukuthi umqondo wakhe uyoke ukhohlwe yilokhu akubona.
Uthi, bezwe kumemeza owesilisa ngezikhathi sasekuseni ethi usenesikhathi eside engqongqoza ezihlotsheni zakhe, kodwa kazivuli. Uma elunguza ngefasitela ubona amachaphazelo egazi usola sengathi kukhona okwenzekile.
“Sibe sesihlaba umkhosi, sabisana omakhelwane isihlobo, sithe uma sivula umnyango safica bebulewe,”kusho yena.

Uthi uke wama umqondo, kwangathi ubuka ifilimu noma usephusheni elibi, usazovuka noma laba ababona bebulewe basazovuka.
“Namhlanje ngineminyaka ewu-45, kangikaze ngiyibone into enjena mina. Sifice ugogo nendodakazi yakhe nabazuluku abathathu begencwe, babulawa kabuhlungu, “kusho yena.
Kulesi sigameko kudlula emhlabeni uNkk Thokozile Gumede (85), uNkz Fikile Gumede (45), uZiyanda Gumede (9), u-Ayanda Gumede (11) no-Asanda Gumede (11).

Ngokuthola kwaleli phephandaba kusolakala ukuthi umndeni uhlaselwe ngumuntu oyisihlobo sawo kubangwa imali ebeyithunyelwe ngomunye wakuleli khaya. ILANGA liphinde lahabula ezokuthi isihlobo lesi esithe sibafice bekulesiya simo sithathwe ngamaphoyisa, siyophonswa ngemibuzo ngoba kunokuningi abesikusho obekungahlangani njengoba kungaveli ukuthi yena ubekephi kwenzeka lesi sigameko.

Ngokwesitatimende samaphoyisa sekujutshwe ithimba ukuba liphenye kabanzi ngokubulawa kwalamalungu omndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda uthe, kusolakala ukuthi lo mndeni uhlaselwe ebusuku, izidumbu zawo zaze zatholakala emini ngemuva kokufika kwesihlobo ebesikade sivakashe kwenye indawo.

“Isihlobo lesi sithi sibuye emini sagqogqoza amahlandla amaningi kungavuli muntu saze sahlaba umkhosi sacela usizo komakhelwane. Amaphoyisa afike izidumbu zamalungu alo mndeni amahlanu zilele phezu kwegazi,”kusho yena.
Kuvela ukuthi bonke bebegencwe emakhanda kanti nembazo okusolakala ukuthi babulawe ngayo itholwe khona endaweni yesigameko.
“Njengamanje kayikayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kwalo mndeni, amaphoyisa anxusa amalungu omphakathi angaba nolwazi ukuba axhumane nawo ngokushesha, “kusho uColonel Netshuinda.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleBafuna itholakale nasezitolo ezinkulu iPeanut Butter yabo
Next articleInethemba lokungenisa kumaskandi indodakazi yeNdidane