Kukhalwa ngesiteshi samaphoyisa esivalwayo ebusuku

262

PHUMLANI GAMA

KUGXEKWA izisebenzi zesiteshi samaphoyisa aseBergville ngokuhudula izinyawo uma kufanele zenze umsebenzi wazo. 

ILANGA lithole ukuthi lesi siteshi sisebenza emini kuphela, sivalwa ngo-18h00, sivulwe ngo-06h00. 

Kuvela nokuthi amaphoyisa kawavumi ukusebenza ebusuku uma kukhona lapho edingeka khona. 

Udaba lwalesi siteshi lugqame emuva kwesigameko sokuthungelwa ngomlilo komuzi wekhansela leDA, uMnu Michael Buthelezi ngoMgqibelo. Ekuhlaselweni komndeni kaButhelezi kushone umkakhe uNkk Khumbi Buthelezi (45), uZibusiso Buthelezi (9), uLubanzi Buthelezi (2) nendodana yakhe (elingatholakalanga igama layo) – ishonele esibhedlela ebingeni-swe kusona noyise. 

Abantu abakhulume naleli phephandaba, bathi bafuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele athathe izinyathelo ngokusebenza kwalesi siteshi nokuziphatha kwezisebenzi zaso. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokufa kwabantu emuva kwesigameko sokuqubuka komlilo (kwaButhelezi). 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleIsifiso somndeni kushona ingane edle ama-chips esikoleni
Next articleKubikwa eyomfantu phakathi kweSilo nomkhulumeni waso