Kukhona nababanjwe eSwazini kwelokubulawa kuka-AKA

350

PHUMLANI GAMA

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, uveze ukuthi banolwazi ngenani lemali eyakhokhelwa abasocongi bomrepha waseNingizimu Afrika, uKienan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe, uTebello ‘Tibz’ Motsoane, esigamekweni esenzeka ngaphandle kwendawo yokudlela eseMorningside emgwaqweni uFlorida wodumo, eThekwini ngoNhlolanja (February) nyakenye. Lokhu ukusho esigcawini sabezindaba namhlanje ebusuku ngesikhathi yena noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi bebeyokwethula umbiko ngokubanjwa kwabasolwa abawu-6 – okukhona nababili ababanjwe eSwazini – mayelana naleli cala.
“Okuningi kuzovela enkantolo ngoLwesine. U-AKA wayelusiwe. Ababulali baqala ukumelusa ukusuka esikhumulweni sezindiza, kwaya ehhotela kwaze kwaba ufika endaweni yokudlela abulawelwa kulona. Lapha kubanjwe nomkhuzi wezinkabi,” kuphetha uCele.

UMkhwanazi uthe bayazethemba ngesibalo sabasolwa ababoshiwe, wathi amaphoyisa abesebenza ngokuzikhandla kusukela ngonyaka odlule (ebathungatha). 
“Sibonga amaphoyisa akuleliya lizwe (eSwazini) ngokubopha ababili abathinteka kulolu daba, okwenza ukuthi babe yisithupha. Ungqondongqondo uphakathi kwabasolwa. Nguyena owayebize umhlangano wokuhlelwa kwetulo futhi waqasha izibhamu ezasetshenziswa. Kwaba nguye futhi owakhokhela ababulali emuva kokuba sebeqede umsebenzi,” kusho uMkhwanazi. 

Previous articleKushiswe enye itekisi yakwaZimdollar
Next articleSezihubela sakusha ngokwakhiwa kwesigodlo esisha seSilo