Kukhonye amaKhosi kowomkhaya baseSoweto

463

Asizwe wumkhonto ogwaze ekhaya kwiPirates, seliyozilahla kunina

UMDUDUZI Shabalala weKaizer Chiefs eshiya ngemuva u-Innocent Maela we-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership izolo ngoMgqibelo eFNB Sadium. UMaela
ukhishwe ngekhadi elibomvu kulo mdlalo

NHLANHLA HUDLA EseFNB Stadium
IKAIZER Chiefs isiyiphuze inyongo i-Orlando Pirates njengoba iqoqe amaphuzu awu-6 kule sizini ngaphansi kweDStv Premiership. IziMpofana zijabulise abalandeli bazo zinqoba iBucs ngo-1-0 wegoli okube wumkhonto ogwaza ekhaya ka-Olisah Ndah ngomzuzu ka-88. Ungqofele enethini ibhola ebelithunyelwe ngu-Edmilson Dove olishaye esemngceleni weChiefs. Nasemzuliswaneni wokuqala iChiefs yanqoba ngegoli elihle elashaywa nguYusuf Maart, esemngceleni wangakubo, elahamba laze layokhalakathela enethini kaSiyabonga Mpontshane owayevimbile kwiBucs.


Kulo mdlalo iPirates beyivinjelwe nguSipho Chaine obekungumdlalo wakhe wokuqala womkhaya. IPirates idliwe seyishoda emuva kokuba ukaputeni wayo u-Innocent Maela ethole ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uChristian Saile ngomzuzu ka-58. Lo mdlalo bewethanyelwe yizindimbane zabalandeli abaphume bebheme bakholwa kuwona njengoba womabili la makilabhu ebehlaselana ngamandla zisasuka nje amadaka. IBucs igijime lo mdlalo ngaphandle komqeqeshi wayo uJose Riveiro obesadonsam isigwebo sekhadi elibomvu. Ukunqoba lo mdlalo kweChiefs kwenyuse amathemba ayo okufeza iphupho lokuqeda ilele isibili kwi-log ukuze ikwazi ukuyodlala kwiCaf Champions Leag ngesizini ezayo.


Lo mphumela usindise u-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi weChiefs olakeni lwabalandeli kwazise uye kulo mdlalo engaphansikwengcindezi njengoba bebengasamufuni nalapho ehambe khona njengoba bekhala ngokugqoza kwemiphumela emihle. Ngaphambi kokuba umdlalo uqale babonakale bemphebeza ngezandla uma evezwa komabonakude basenkundleni. Lo mdlalo kawuzange ufike kuleli zinga ebelilindelwe njengoba ubungenazo iziwombe ezithusayo. Kuncane okwenziwe ngono-zinti bala makilabhu njengoba abengahlaselani kangako.

Previous articleKujabule izaguga nezingane ngesabelomali
Next articleUSHAQISWE YISICELO SOKUTHUNGELA INGONYAMA