ZAKHELE MCHUNU
UKHALE ngokuphila ntofontofo kweziboshwa zaseNingizimu Afrika uMnu Bheki Cele, ongungqongqoshe wamaphoyisa, enkonzweni yokufihla uConst Oscar Sthembiso Makhathini ongcwatshiswe okweqhawe ngeSonto ePhangweni Mission, eMtshezi. UMakhathini udutshulwe wabulawa ngabesilisa abathathu mhla ka-17 kwephezulu kubanjwa inkunzi esitolo sasendaweni. Ukwazile ukudubula alimaze kanzima omunye wabasolwa okumanje oqashwe ngamaphoyisa esibhedlela.
UMkhuzi wamaPhoyisa uFannie Masemola, uthe: “Maphoyisa! Ngizwa kuthiwa kukhona osesibhedlela, ngiyaxakeka ukuthi kanti ngabanjani okumele baye emakhazeni. Zivikeleni futhi nivikele nomphakathi. Kakumele kungcwatshwe amaphoyisa wodwa, nabanye mabangcwabe – thina sisebenza (sigade umphakathi).”
UMasemola ubeyothula uCele, othe imithetho yakuleli ikudinga ukubuyekezwa njengoba ibonakala ithambele kakhulu ezigebengwini. Uthe izigebengu ziphila ntofontofo emajele njengoba zigeza ngamanzi ashisayo, zidla kathathu ngosuku, zihlinzekwa ngosizo lwezempilo lwezinga eliphezulu ekubeni izisulu zisuke zisele namanxeka angapholi okulahlekelwa ngabathandiweyo. Ugxeke osopolitiki abakhuluma kabi ngamaphoyisa, wathi banesandla ekubulaweni kwawo ngoba izinkulumo zabo zijabulisa ababulali bawo, kube sengathi benza into enhle. Ukhale ngokuthi kulo nyaka nje uwodwa, sekubulawe amaphoyisa awu-5. Ugxeke iKwaZulu-Natal ngokwakhelwa ngabantu abaningi abanobulwane njengoba ethe cishe kubona bonke ubugebengu obunokufa kuleli, kusuke kukhona nenkabi noma izinkabi zakulesi sifundazwe.
Ubale iShowe, uMtshezi, iBergville iKwaNongoma noMnambithi njengezinye zezindawo ezinezinkabi ezithinteka emacaleni abucayi kuleli. Uncome uMakhathini ngokuba yiphoyisa eliqotho, wathi kakuwona wonke amaphoyisa angcwatshwa ngokwezinga lombuso. Yize wajoyina umbutho ngo-2016, kodwa kunendondo yokuzinikela ahlabana ngayo ngo-2018. Unxuse umphakathi ukusebenzisana namaphoyisa ukunqanda ubugebengu. Uncome umsebenzi wamaphoyisa oqhubeka eNanda, eThekwini, lapho ethe izigebengu zamacala abucayi ziyagingqika.
UMnu Bonga Mdluli ongukanina kaMakhathini – okhulumele umndeni – uthe okubaphatha kabuhlungu yindlela enonya okubulawe ngayo umfowabo.