MTHOBISI SITHOLE
KUKHUTHAZWE abasafufusa kwezamafilimi ukuba bazibambe ziqine ukuze kuthuthuke umsebenzi wabo. Batshelwe lokhu emgubhweni weminyaka ewu-20 kwiKZN African Film Festival, eK- Cap KwaMashu, eThekwini. Lo mcimbi othathe izinsuku ezinhlanu kusukela ngoLwesine olwedlule waphethwa ngeSonto, kubekwe phambili ukuvuselelwa kwale ndima yokuqoshwa kwezamafilimu. UNkz Thobile Ximba ngaphansi kwesikhungo kuSekhaya Multi Art Centre, uthi bebekade befuna ukululeka abathanda lomkhakha ukuthi bengayiqopha kanjani ifilimu ibesezingeni eliphezulu noma ngabe uxhaso kalwenele. Uthi bagqugquzela ukuba udlondlobale lomkhakha bakhuthale abantu ukuqopha iziqephu ezifundisayo esizweni.
“Abanye bayawathanda amafilimu kodwa bakhinyabezwe ukungatholi uxhaso ngendlela efanele bese umsebenzi wabo ungabi sezingeni. Siyabaqeqesha ukuthi uma umsebenzi wokuqoshwa kwefilimu esezingeni elihle, kungavuleka amathuba amahle okusizakala,” esho.
Phakathi kwemidlalo ebambe iqhaza kule Film Festival, kubalwa iSbongile and the Dlaminis ekhonjiswa kuMzansi Wethu. Abaqavile kwezamafilimu i-Blind Eye, uNoxolo Mathula noThembi Mtshali bangabanye abaseke kakhulu ukucobelela ngolwazi kwabasafuna ukungena endimeni yamafilimu nabasazabalaza. Kuboshelewe uSamukele Mkhize weSkeem Saam , uLucky Simayile womdlalo “uShaka Ilembe”, uVelile Makhoba weCala, u-Angel Zuma woMkhokha.
Kukhonjiswe nomdlalo obizwa ngeNjinn oprojuswe i-Film Independent yase-Los Angeles