Kuthiwa zicuthelwa ngabamahhashi esikoleni
PHUMLANI GAMA noTSEPO MOLEFE
SEZIPHELEZELWA ngabazali uma ziya esikoleni izingane zaseZwelinzima High School, KwaKhalothi, eMzimkhulu, kusatshelwa ukuphepha kwazo kulandela umkhuba wokucuthelwa, zithwalwe, ziyoganiswa ngenkani. Kuthiwa lo mkhuba wenziwa ngabesilisa basezigodini ezibude buduze nokwakhiwe kusona isikole. Kuthiwa bafika kusona behamba ngamahhashi, bathwale ngawo izingane zamantombazane. ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi laba besilisa asebaziwa ngabamahhashi, basuka kwesinye isizwe bazothwala amantombazane ikakhulukazi afike endaweni ngokuzofunda. Lesi sikole siqala ku-Grade 8 kuya ku-Grade 12, sinabafundi abangaphezulu kuka-1 500.
Sinconywa ngemiphumela emihle kamatikuletsheni, okwenza izingane zaseMatatiele, eFlagstaff nakwezinye izindawo zithutheleke kusona ngoba zifuna imfundo engcono. NgoLwesine leli phephendaba lihambele kulesi sikole ukuthola kabanzi ngalolu daba, laxoxisana nezisulu ezicuthelwayo. Kubuye kwavela ukuthi abasolwa babuye badedele isibhaxu kubafundi besilisa esikoleni uma bezama ukuvikela izisulu ekuthwalweni. Owesilisa wasendaweni oqashise izisulu eziwu-19 emzini wakhe, uthe usizwa wulwazi analo ukuzivikela (izisulu) uma zizothwalwa ngamahhashi njengoba ebesebenza emaphoyiseni iminyaka ewu-35. “Ngosuku abagcine ngalo (abamahhashi) bathe bazobuya sebehamba ngezimoto. Ibuhlungu into eyenzeka kule ndawo ngoba singabazali bezingane sizikhipha ukuyofunda ukuze zizokhula ziphile impilo ezothuthukisa isizwe.
“Yonke imizamo esiyenzayo ibukeka isengcupheni ngenxa yezishimane eziphazamisa ikusasa lezingane. Kwasemandulo kwakuvele kuwumkhuba wobushimane ukuba kuthwalwe izingane,” esho. Enye yamantombazanyana eneminyaka ewu-18 eyaphuka umlenze ibalekela ukuthwalwa seyivinjezelwe ngamahhashi esangweni lesikole, ithe isiyabikelwa uma kumele iyotadishela esikoleni ntambama. “Ngaphuma phansi kwamahhashi ngibaleka, befuna ukungithwala. Ngaphoqeka ukufaka ukhonkolo. Iyasihlukumeza le nto ngoba iphazamisa ilungelo lethu lokufunda. Isifiso sethu wukuba kubuyiswe amaphoyisa azosibheka ngezikhathi zonke uma silapha esikoleni,” isho. Kwesinye isikhathi kuthiwa laba bantu bafika sebemqondile umuntu abamdingayo.
UMnu Alpheus Tshangase ongusihlalo wesigungu sesikole, uthe, iyabakhathaza eyokuthwalwa kwamantombazane, ayoganiswa. Uthe uma lo mkhuba unganqandwa, uzogcina uphazamisa abafundi esikoleni. Uthe uke waba nomhlangano nothishanhloko, kwavunyelwana ngokuthi kuzobhalwa incwadi eya emaphoyiseni, ukuze kuthi uma kutadishwa ntambama, abe khona ukuphephisa izingane. “Lapha esikoleni sinezingane eziwu-195, ezifunda umatikuletsheni. Zonke ziyahlukunyezwa ngoba kubuye kushaywe nabafana uma bezama ukuvikela odadewabo. Lesi simo sibeka engcupheni inhlalo yomphakathi ngoba sesiphakamise imimoya nasezinsizweni ezihlala eduze kwesikole. “Udaba seluyaziwa nasezinduneni, lubikiwe nasenkosini yesizwe esikholwa wukuthi yiyona ezokwazi ukuxhumana nezinduna kubanjwe imbizo,” kusho uMnu Tshangase.\
INkosi Sothuse Dlamini yesizwe saseMbumbane, eSigisi, eMzimkhulu ithe kawulungile umkhuba ovuselelwayo ngoba uhambisana nokuhlukunyezwa kwamalungelo ezinganenabantu ikakhulukazi abazali bazo. Ithe lokhu okwenziwa yilaba balisa kala elibomvu ngoba nasendulo kwakungekho emthethweni, wumkhuba nje hhayi isiko. “Lona wumkhuba owawuvele ungalungile kwasemandulo, wawenziwa yizishimane ezisuke zesaba ukweshela. Abanye bakwenza lokhu ekubeni bengenazo ngisho nezinkomo zokulobola. Siyawukhuza. “Ngisazohlangana nezinye izinhlaka kuhlelwe usuku lwembizo yokudingidwa kwalolu daba, kukhuzwe laba bafana ngoba abakwenzayo kungaholela ekutheni baboshwe,” kusho uDlamini. ILANGA lizame kaningi ukuxhumana nabakhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. UMnu Sihle Mlotshwa noMnu Muzi Mahlambi bebengazibambi izingcingo zabo. Okhulumela amaphoyisa, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe akukho abazokuphawula ngoba kawekho amacala abikiwe esiteshini samaphoyisa. Unxuse izisulu ukuba zivule amacala ukuze kuzoba lula ukungenelela.