Kukhuzwe umhombholo kubahleli bemicimbi kwethulwa owoGu

200

LUCKY CAIN

KUKHUZWE umhobholo, kwagqugquzelwa ubumbano kubahleli bemicimbi ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umcimbi waminyaka yonke, i-Off Ramp Experience, ePort Shepstone, izolo ngoMsombuluko.
Lokhu kwenziwe yiMeya yoGu, uMnu Skhumbuzo Mqadi, ebingesinye sezimenywa ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi, okulindeleke uqale mhla ka-27, uphothulwe mhla ka-30 kuNhlangulana (June).
Uzohlanganisa ezokuvakasha, ezemidlalo, ezokungcebeleka nobumnandi

Kulindeleke ukuba lo mcimbi uqale ngesidlo sakusihlwa ngoLwesine mhla ka-27 esizobizwa ngeGala Dinner in Comedy, lapho kuzobe kunandisa uFelix Hlophe noMbuso Khoza.
Ngomhla ka-28, kuzoba nohlelo lwezokuvakasha, i-Offramp Outdoor Hiking Experience, lapho kuzoqwalwa khona izintaba zaKwaXolo Caves.

Ntambama – ngosuku olufanayo – kuzoba nendumezulu yomcimbi ebizwa ngeBlock Party, okuzobe kuboshelwe kuwona abaculi noDJ okubalwa kubo uZee Nxumalo, uFunky Qla, uGoldmax, uTira, uHappygal, uNzwiri, uMdix, uSosha, uBullistic, uQhawe, uBruce, uMondli Mzizi no-Andy X.
Mhla ka-29 kuzoba nomkhulu, i-Offramp Music Fest, okuzobe kunandisa kuwona uMthunzi, uNomfundo Moh, u-Aymos, uMondli Ngcobo, uNaima Kay, uMerlon nabanye.

ITHIMBA labahleli be-Off Ramp Experience

UMqadi uthe sebeqalile ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula, okufakazelwa wukuthi asevuliwe amanye amabhishi ayevaliwe. Lilodwa elingakasebenzi ngenxa yokuthi bafuna ukwenza isiqiniseko sokuvikela izivakashi ngaphambi kokuba livulwe. Uveze ukuthi ubalelwa ku-R200 million umonakalo odalwe yizikhukhula kanti banethemba lokuthi kuyoshaya impelasonto yomcimbi konke sekuhamba kahle.

USiya Msombi ongumsunguli walo mcimbi, unxuse abanye ozakwabo ekuhleleni imicimbi ukuba benze isiqiniseko sokuthi njalo ngekota yonyaka kuba nomcimbi omkhulu kule ndawo.

Previous articleUthembise ukuqinisekisa ukungachemi komthetho uMaya ogaqele esikaZondo
Next articleI-IFP iyaqhubeka nezinsongo zokuhlakaza uMasipala weTheku uma inqoba