Kulandwe obese-UKZN ukuvala isikhala somphathi wase-UCT

151

MTHOBISI SITHOLE

KULANDWE uSolwazi Mosa Moshabela (osesithombeni) e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), ukuba ayophatha isikhundla esashiywa nguSolwazi uMamokgethi Phakeng, sokuphatha i-University of Cape Town (UCT). Le nyuvesi ibingenaye umphathi  isikhathi esingaphezulu konyaka selokhu kwesula uSolwazi Phakeng ngoNdasa (March) wonyaka owedlule. 

  Umkhandlu wase-UCT umemezele ukuqokwa kukaSolwazi Moshabela ngeledlule.

   Usihlalo walo mkhandlu, uNorman Arendse, uthi bajabule ngesinqumo sawo sokuba kuqashwe uSolwazi Moshabela. Uthe banethemba lokuthi uzokhombisa ubuholi obuqotho ezinkingeni ezikhona.

USolwazi Moshabela ubeyisekela likashansela wase-UKZN kusukela ngo-2021. Ungusihlalo wesigungu seNational Research Foundation. Phambilini ubeyilungu leSouth African Medical Research Council nosihlalo wezempilo kwi-academy of science. Uneziqu zobudokotela zokwelapha azithola ngo-2001, e-University of KwaZu-lu-Natal School of Medicine. Wafunda e-University of Pretoria enza iMaster’s kwiFamily Medicine, wenza iPHD eWits University.  

Ephawula ngokuqokwa kwakhe e-UCT, ubonge ukuthola ithuba nokwethenjwa wumkhandlu wale nyuvesi. Uthe ufunde okuningi ebuholini base-UKZN.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAmaqembu mawemukele imiphumela yokhetho yize enganqobanga
Next articleUvele enkantolo “umalume” osolwa ngokudlwengula umfundi