INTATHELI YELANGA
KUSUKE isidumo kuBertha Mkhize Street (Victoria Street) enkabeni yeTheku ngezithuba zasekuseni, kuqhuma inganono kwadubuleka kwashona owesilisa, kwalimala abadayisi basemgwaqweni abawu-7 ngesikhathi abesilisa abebehlomile bebamba imoto yemali. Ngokusho kukaGarrith Jamieson ongumqondisi oyinhloko kwa-ALS Paramedics, izingcingo bezingena zingenile kubo, bebikelwa ngalesi sigameko. Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko, bekusanesiphithiphithi.
“Ngeshwa kunowesilisa olinganiselwa eminyakeni ewu-20 ubudala, ophangalele kulesi gameko. Ubedubuleke ekhanda, kanti akukho abezosizo oluphumayo abebengamsiza ngakho. Uhlonzwe njengoseshonile, khona endaweni yesigameko. Ngesikhathi imoto ethwala imali izama ukubaleka, ishayisane netekisi ebelinabagibeli,” kusho yena. Uthe yilapho-ke imoto ethwala imali iphaphalazile yayoshayisa abantu abathengisa emgwaqweni. Baqale banikwa usizo lokuqala ngaphambi kokuphuthunyiswa ezibhendlela.
Kakucaci noma umufi uyathinteka yini esigamekweni sokubanjwa kwemoto yemali noma ngumuntu othelwe ngamachaphazelo ezidlulela. Abazibonele bathi abasolwa balaxaze imoto yabo bakhwela itekisi ngesikhathi sebebaleka. Akwaziwa ukuthi yimalini abakhale bemuka nayo. Emuva kwalesi sigameko, besekugcwele izimoto eziwu-12 zamaphoyisa eSAPS nakaMasipala weTheku, umgwaqo uvaliwe.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala, uCol Boysie Zungu, uthe akakabi nayo imininingwane ephelele ngalesi sigameko kwazise ngesikhathi ethintwa, ozakwabo bebesesendaweni yesigameko, kuyima besazomnekela konke ngaso.