PHUMLANI GAMA
KULINDELEKE ukuba kuboshwe abanye mayelana necala lokukhwabanisa nenkohlakalo elenzeka kuMasipala waseJozini, okubandakanyeka kulo noMnu Ndodephethe Mthethwa (56) (osesithombeni) – owayeyimeya ngaleso sikhathi – oseyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
NgoLwesihlanu, uMnu Mthethwa – owayengusihlalo we-ANC esifundeni sayo, iNokuhamba Nyawo (uMkhanyakude) ngesikhathi kwenzeka inkohlakalo – udedelwe ngebheyili ka-R10 000 yiNkantolo yamaCala ezeMali neNkohlakalo yaseThekwini.
Ukuboshwa kwakhe wuphiko loKlebe kwandulelwe ngokukaMnu Lonwabo Maka (57) owayeyimenenja yalo masipala noMnu Mandlenkosi Matutu (43) ongumnikazi wenkampani okuvela ukuthi yakhokhelwa u-R5 million ngomsebenzi engawenzanga.
UMnu Maka usolwa ngokuthi wasebenzisa isikhundla sakhe ngokusungula uhlelo lokuthuthukisa intsha olubizwa ngeJoy project, olwagcina lungasebenzanga.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa, kuvela ukuthi abasolwa bazobuyela enkantolo ngoNhlaba (May) kophezulu.
“Icala lenkohlakalo labikwa esiteshini samaphoyisa aseJozini, ladluliselwa koKlebe eThekwini. Kulindeleke ukuba kuboshwe nabanye abathintekayo kuleli cala,” kusho uLt Colonel Simphiwe Mhlongo okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal.