Kulindeleke ukuba kudingidwe eyokwelulwa kwe-AGOA

107

INTATHELI YELANGA

KULINDELEKE ukuba lube yindaba egudwini namuhla ngoLwesithathu olokwelulwa eminye iminyaka ewu-20 kwesivumelwano se-African Growth and Opportunity Act (Agoa) egqugqutheleni yezinsuku ezimbili eqale izolo eGoli. Le ngqungquthela ihlelwe ngokuhlanganyela yiNingizimu Afrika ne-United States of America (USA)

I-Agoa inika amazwe ase-Afrika “ushwele” wentela empahleni ethile ahwebelana ngayo ne-USA. Lesi sivumelwano sethulwa ngokusemthethweni ngo-2000 ukuze amazwe ase-Afrika angaphezu kuka-30 angaxinwa kakhulu yintela yempahla ethile ahwebelana ngayo ne-USA. Kanti kunetwetwe lokuthi hleze ukuba khona kwe-African Continental Free Trade Area (AfCFTA) – eyasungulwa ngo-2018 – kungaholela ekutheni i-USA ibhoncule izikhonkwane ze-Agoa kuleli zwekazi uma isivumelwano siphela ngo-2025.

Ekhuluma kule ngqungquthela izolo ngoLwesibili, uKhomishana wezoHwebo kwi-African Union (AU), u-Albert Muchanga, uthe phansi amaphaphu, i-AfCTFA ngeke ibe yisizathu sokujokola kwe-USA. Utshele izithunywa ezikule ngqungquthela ukuthi “inhlanganisela” ye-Agoa ne-AfCFTA izoyisiza kakhulu i-Afrika. Uthe i-AfCFTA isiza ukufinyelela lapha i-Agoa ingafiki khona. Le ngqungqutehla iqale ngezindaba ezimbi emazweni amane – i-Uganda, iGabon, iNiger ne-African Central Republic (CAR) – abeyingxenye yalesi sivumelwano, njengoba uMengameli wase-USA, uMnu Joe Biden ememezele ukuthi bayawakhipha kuso.

UNGQONGQOSHE wezoHwebo nezeziMboni, uMnu Ibrahim Patel ekhuluma engqungqutheleni ye-Agoa eqhubeka eGoli.

Previous articleSenyuke ngamandla esezisebenzi zikahulumeni eziyikha ngamafosholo
Next articleLimthethile “umengameli wamabhinca”