Kulindelwe kumqeqeshi woSuthu okwenziwe ngowePirates

545

MFANAFUTHI NDLOVU

UMENGAMELI wamaZulu FC, uSandile Zungu, ubheke ukuba umqeqeshi wale kilabhu, uPablo “Cijimpi” Martin, ahambe ezinyathelweni zo-mkhaya wakhe waseSpain, uJose Riveiro ozakhele igama ngokunqobela i-Orlando Pirates izicoco ezimbili ngesizini yakhe yokuqala eseNingizimu Afrika.

USuthu lusemgudwini wokuzama ukufeza isifiso sikaZungu sokuqukula inkomishi kule sizini njengoba luzogijima owandulela owamanqamu weCarling Knockout neTS Galaxy namuhla ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

UZungu unxusa abalandeli baKwaZulu-Natal ukuthuthe-leka ngobuningi kulo mdlalo ukuyogqiba iGalaxy.

Uma lunqoba lo mdlalo uSuthu, izinto zizovuna lona nakowamanqamu njengoba uzodlalelwa khona belu eMoses Mabhida Stadium, mhla ka-16 kuZibandlela (December).

Ekhuluma naleli phephandaba uZungu, uthe: “Ngethemba ukuthi abadlali bami ngeke bawuthathe kalula lo mdlalo (weGalaxy, ngoba besekhaya). “Ngiyethemba ukuthi bazobukhumbula ubuhlungu esabuzwa sehlulwa kowama-nqamu sisekhaya ngesizini edlule.”

Lapha uZungu ubekhuluma ngowamanqamu weMTN 8 lapho ezakhe ezaguqiswa khona yiPirates ngo-1-0 nyakenye eMabhida. Lesi kwaba yisicoco sokuqala sikaRiveiro kwiPirates njengoba aselamanisa ngeseNedbank Cup waphinda wavikela iMTN 8 kule sizini.

UZungu uthe ubheke ukuba umqeqeshi woSuthu ajabulise abalandeli bale kilabhu ngenkomishi njengoba nomkhaya wakhe, uRiveiro enzile kwiPirates. 

KWESOKUNXELE, ngumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro okulindeleke ukuba umkhaya wakhe, uPablo Martin (okwesokudla) asike kuye iphethini yokunqoba izindebe.

Previous articleBavele enkantolo “abadlwengule” onogada
Next articleUKhuzani uncoma ukusebenzisana okuhle nabalandeli bakhe