Kulindelwe nabakwamanye amazwe kokaStegen

1259

PHUMLANI GAMA

KULINDELEKE  nabasuka kwamanye amazwe enkonzweni yomngcwabo yomsunguli  weMishini yaKwaSizabantu, eKraanskop, edume ngeKwaStekeni.

UMfu Erlo Stegen (88), udlule emhlabeni ngoLwesibili ekuseni ekuyona le mishini. 

Leli phephandaba lithole ukuthi umufi ulandele eduze umfowabo, uMnu Hino Stegen (95), okulindelwe ukuba afihlwe ngeSonto. 

UHino kuthiwa ushone ngoMgqibelo,
okuwusuku abenzelwe ngalo
umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwakhe. 

UMfu Stegen uzobekwa endlini yakhe yokugcina mhla ka-8 kuMfumfu (October). 

Ngokusho kukaMnu Michael Ngubane, ojutshwe ukukhuluma nabezindaba,
kusukela ngoLwesibili abelokhu engenile amazwi enduduzo. 

Uthe bethembe uNkulunkulu ukuba abasize ukuze bakwazi ukubhekana nemisebenzi eshiywe nguMfu Stegen. 

Uqhube wathi kuningi abakufunde kuye, ikakhulukazi ukuphila impilo yevangeli eqondile. 

Uthe balindele nabavela kwamanye amazwe emngcwabeni. 

“Ibandla laKwaSizabantu litholakala emazweni ahlukene, okubalwa kuwona iGermany, iNetherlands, iSwitzerland, eMozambique, iMalawi neSwaziland. 

“Ngikhuluma nje, ubaba udlule emhlabeni kusafanele siyoqala umsebenzi wokushumayela ivangeli eZimbabwe njengoba kunesimemo ebesisanda kungena sivela kuhulumeni wakhona. 

“Maqondana nezinhlelo zomngcwabo kusamiswe usuku kuphela. 

“Ngaphakathi emishini sinendlu yesonto ekwazi ukungena abantu abangaphezulu kwezinkulungwane eziyishumi. 

“Uma sibona ukuthi sezigcwele izindawo ezingaphakathi emishini, sizohlela nabantu abanezindawo zokulala ngoba baningi kakhulu abantu abalokhu bengena.”

Previous articleKunokukhathazeka ngeziphakamiso zomnyango kweyeRAF
Next articleUgeqa amagula okubulawe unina “yizinkabi” zikamnakwabo