Kulindwe indlunkulu kolomfuziselo weSilo uShaka

383

Imininingwane eminingi ngawo iyimfihlo njengoba kuze kube yimanje kungaveli ukuthi wakhiwe ngamalini

NONHLAKANIPHO SHINGA KULINDWE iNdlunkulu ka-Zulu ukuba ikhiphe usuku lokwembulwa ngokusemthethweni komfuziselo weSilo uShaka kaSenzangakhona, iLembe, osesikhumulweni sezindiza iKing Shaka, eLa Mercy, eThekwini. Lokhu kulandela emuva kokuba uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Amanda Bani-Mapena ewethule ngokusemthethweni eSilweni uMisuzulu kaZwelithini. Ngokuthola kweLANGA, lo mfuziselo ogxunyekwe lapho bekukhona omunye walo iLembe owachithwayindlunkulu, obunjwe ngu-Andries Botha uwu-12m ubude.


Kwaba nesikhalo sokuthi umfuziselo owaqoshwa nguMnu ngawo. Ngesikhathi lihambele\ eKing Shaka kuwona. Oliphant, ukuqinisekisile ukuthi ungqongqoshe uhambele esigodlweni seSilo uMisuzuku ngomhla ka-31 kuNcwaba (August), wathi emhlanganweni wabo, iSilo sikhombise ukuwuthakaseka lo mfuziselo. “ISilo sikhombise ukuwuthakasela kakhulu, kodwa-ke njengomnyango, umsebenzi wethu kube wukuthi (umfuziselo) siwudlulisele kusona. Yiyoke indlunkulu esilindeleke ukuba isitshele ukuthi yiluphi usuku elukhethayo (ukuwembula ngokusemthethweni),” kusho yena. ILANGA lihabule ukuthi imininingwane eminingi ngalo mfuziselo iyimfihlo njengoba kuze kube yimanje kungaveli ukuthi wakhiwe ngamalini nokuthi wakhiwe ngubani. Kuthiwa le mininingwane iyovezwa ngosuku lokwembulwa kwawo.


Kuke kwaba namahlebezi athi bekulindeleke ukuba wembulwe ngaphambi kosuku lokugubha uMkhosi weLembe KwaDukuza mhla ka-24 kuMandulo (September), okuthe uma kungenzeki, kwaqubuka amasha athi kungenzeka wembulwe ngosuku lokudluliselwa kwesitifiketi eSilweni ngomhla ka-29 kwephezulu. Kulindwe indlunkulu kolomfuziselo weSilo uShaka Imininingwane eminingi ngawo iyimfihlo njengoba kuze kube yimanje kungaveli ukuthi wakhiwe ngamalini Botha wenza iLembe libukeke njengomfana owelusa izinkomo kanti kakucaci ukuthi emuva kokubhonculwa kwawo, kwenzekani Ngise International Airport ngoLwesibili, lifice kunabebesebenza bethi banikwe umsebenzi wokumboza lo mfuziselo.


Kakucacike ukuthi bewumbuleke ngephutha noma kukhona obekulungiswa yini kuwo-Okhulumela uNkk Bani- Mapena, uMnu Nathi zulu. Ngesikhathi ILANGA lihambele kulesi sikhumulo, izivakashi nabebeyogibela amabhanoyi, bebelokhu bethatha isithombe sawo. Okhulumela iNdlunkulu ka-Zulu, uMntwana Thulani, uthe okwamanje basalinde ukuthi kudlule umcimbi omkhulu wokunikezelwa kwesitifiketi eSilweni, besebehlala phansi, kudingidwa eyosuku lokwembulwa komfuziselo. “Engingakusho nje wukuthi ngeke kuhlanganiswe ngoba yizinto ezimbili ezehlukene. Siyobe sesihlala phansi nomnyango, sivumelane ngosuku okungenziwa ngalo lowo mcimbi (wokwembulwa komfuziselo),” kusho uMntwana uThulani. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleKubulawe owesifazane nengane belele endlini
Next articleSEBEJAHE UKUQULWA KWECALA LIKA”MAMA WEBHANTSHI