Kulindwe umbiko kadokotela ngokufa komgijimi

749

MZWAMANDLA ZONDI 

KULINDWELWE umbiko kadokotela ngembangela yokufa komgijimi odumile waKwaZulu-Natal, uMbuleli Mathanga, odlule emhlabeni ngoLwesine ekuseni. 

Kuthiwa uMathanga udlule emhlabeni ngokuzilengisa ngentambo yamateki ngemuva kwengxabano nentombi yakhe, kubo kwayo eNdwedwe. 

Kushiye imibuzo ukufa kwakhe njengoba kuthiwa ubenenxeba ekhanda, obekungacaci ukuthi ulithole kanjani. 

Kunezinsolo zokuthi ulwe nentombi yakhe ngaphambi kokutholakala eselenga. 

Omunye ophawulile ngokufa kukaMathanga, nguGerda Steyn, oyingqwele yeComrades Marathon yalo nyaka. 

UGerda – osubathela ikilabhu eyodwa nebisubathelwa nguMathanga, iPhantane Athletics Club – uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kukazakwabo. 

Uthe ubesemncane, kuningi obekusalindelwe kuyena. 

Uqhube ngokuthi ufisa umphefumulo wakhe ulale ngokuthula. 

UTete Dijana oyingqwele yeComrades kwabesilisa , naye ubhonge emswanini. 

Ubhale ekhasini lakhe leFacebook, wavalelisa kumngani wakhe. 

Ngeledlule kwiHollywoodbets Durban 10km, abasubathi abangama-elite, bagijime befake amaribhini amnyama, behlonipha uMathanga. 

ISekela-mengameli leKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uMandla Mngomezulu, lithe bagqemeke udume lwengozi ngokudlula kwalo msubathi. 

“Isikhala sakhe siyohlale sikhona kwezokugijima esifundazweni. 

“Siyabonga kakhulu ngale nto
eyenziwe iHollywoodbets ngokumhlonipha. 

“SiyiKZNA, sithi umphefumulo wakhe mawulale ngoxolo,” kusho uMngomezulu.

Lo msubathi udlule emhlabeni eneminyaka ewu-29, kanti ushiye izingane ezimbili – umfana nentombazane

Umndeni wakhe ukhiphe umbiko othi uzofihlwa ngoMgqibelo KwaCebekhulu, eMakholwase, eNtambanana, eMpangeni. 

zondim@ilanganews.co.za

Previous articleKufezeke elikaMdavu ngomlando weSoul Brothers
Next articleUmbhishobhi akayikholwa eyofata “abazalisile”