Kulusebenzele uSuthu ukucasula iChiefs

1044

U-Ayanda Dlamini kubukeka ebhekwe nayidlozi koqekelele beziMpofana

SENZO SOKHELA

UBONGI Ntuli oshayele uSuthu igoli elimqoka ebhekene no-Eric Mathoho weKaizer Chiefs ehlulwe ngo-1-0 koweligi ngoMgqibelo eFNB Stadium. Kwesincane ngu-Ayanda Dlamini ongumqeqeshi woSuthu.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UVEZA isizathu esenze ezakhe zaqumba phansi iKaizer Chiefs kungazelele muntu u-Ayanda “Cobra” Dlamini ongumqeqeshi wamaZulu FC asebenzise iqhinga lokucasula iziMpofana ngokungazivumeli ukudlala ngendlela yazo ekubeni zisekhaya ukuzikhipha emdlalweni.
USuthu luthuse abathandi bebhola luqumba phansi iChiefs ngo-1-0 wegoli likaBongi “Mdeva” Ntuli kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
USuthu luye kulo mdlalo lunganikwa lutho kwazise bese kuphele iminyaka ewu-13 lwagcina ukwehlula iChiefs.
Beluvele lugcine ukuyehlula ngesikhathi isaqeqeshwa nguyena u-Ernst Middendorp, efika okokuqala kule kilabhu aseshaye ibuya kuyona. Ngaphandle kwalokho, luye kulo mdlalo iChiefs iqhwakele lona lubambe ibhuleki emsileni we-log.
UCobra obambe izintambo zokuqeqesha kule kilabhu, okuvela ukuthi abalandeli sebemuqambe ukuthi ngu”Msindisi”, uveza okwenze bayiqumba phansi le kilabhu yaseNaturena.
“Lokhu kunqoba kangazi ukuthi ngingakuchaza ngithini ngoba besiwudinga ngendlela eyisimanga lo mphumela.
“Phela besazi ukuthi sibhekene nekilabhu ehleli phezulu. Besazi ukuthi kuzoba nzima kodwa okwenze sabaqumba phansi wukuthi sibatshelile abadlali bethu ukuthi kuzofanele badlale lo mdlalo ngokuzethemba, bangesabi ukuligcina ibhola, ngoba besazi ukuthi kuzoyicasula iChiefs, nangempela senza njalo.
“Ngithe mabakubeke eceleni ukuthi sihleli emsileni iChiefs ihleli phezulu, sidlale nje ngokukhululeka. Abadlali bakhombise isibindi esimangalisayo kulo mdlalo, balwile. Ebesikwazi ngayo wukuthi iyingozi emabholeni agotshiwe nakuma-free kick okwenze sayibamba nalapho yanganyakaza.
“Kodwa-ke nathi sibe nenhlanhla ngoba kunamathuba abawatholile ikakhulukazi awekhanda engingazi ukuthi abephuma kanjani eceleni kwamapali,” kusho uDlamini.
Uthi uyakubonga ngendlela eyisimanga ukwesekwa ngusihlalo wale kilabhu uDkt Patrick Sokhela. UDkt Sokhela uke wabonakala ebhentshini lale kilabhu ngaphambi komdlalo exoxa noDlamini kubonakala ukuthi uyameseka.
“Engingakusho wukuthi abadlali bangamukele kahle emuva kokuba nginikwe umsebenzi wokubahola. Okwenziwe ngusihlalo wethu kusho lukhulu kimina, ngeke ngikufihle ukuthi ungeseka ngokugcwele.
“Usihlalo wethu uyithanda ngendlela emangalisayo ikilabhu ngakhoke kufanele sikulwele ukuthi isuke kule ndawo ekuyona.
“Ngiyababonga nje bonke abaphathi bekilabhu ngokungeseka,” kusho uDlamini.
Emdlalweni olandelayo uSuthu luzobhekana neBaroka FC ngeSonto lomhla ka-22 ngo-15h30 eJonsson Kings Park Stadium.
Kulo mdlalo bazongena ngoR10 bonke abalandeli.
Isiyonke imiphumela yemidlalo ye-Absa Premiership imi kanje: Cape Town City 2, Celtic 0; Highlands 0, SuperSport 2; Baroka FC 2, Leopards 0; Arrows 0, Pirates 0; Chiefs 0, AmaZulu FC 1; Wits 0, Chippa 0; Maritzburg 1, Polokwane 0.
EyeGladAfrica Championship: Pretoria University 3, Swallows FC 2; JDR Stars 1, Steenberg 0; Richards Bay 2, Royal Eagles 0; Free State 3, Mbombela 1; Tshakhuma 1, TS Galaxy 0; Kings 1, Cosmos 0; TS Sporting 2, UThongathi FC 2; Cape Umoya 1, Ajax 0.

Previous articleUnemibuzo engaphenduleki unina kasjava “kwelokudlwengula”
Next articleUzame ukuvika ngosomqhele ebalekela ukuboshwa