Kumbiwe ithuna kwebiwa ikhanda esidunjini soshone engaboni

470

PHUMLANI GAMA

LISHIYE umphakathi unkemile ilumbo eligilwe ethuneni lowesilisa oshone engaboni emehlweni, obehlala ehostela i-17, kwaT, eMlazi, elificwe ligengelezile, kwatholakala isidumbu sakhe singasenalo ikhanda ngoLwesine. UMnu Muzikayise Mfusi (63) ungcwatshwe kule ndawo mhla ka-12 kwephezulu. Ufihlwe ethuneni okwangcwatshwa kulo uyise, kwazise  kunomthetho ogunyaza lokho uma umuntu wokuqala wangcwatshwa eminyakeni ewu-10 edlule.

ILANGA Lempelasonto liziyele mathupha endaweni yesigameko, lazibonela izisebenzi zikaMasipala iTheku zimatasa nomsebenzi, kodwa isidumbu sikamufi besesilayishiwe emotweni ethwala izidumbu, sihanjiswa emakhazeni kahulumeni. Leli phephandaba lithole ukuthi ithumba libhoboke emuva kokuba kufike umndeni obuyofuna indawo yokungcwaba. Unogada obesemsebenzini, uwuholile eyowukhombisa ithuna obufuna ukungcwaba phezu kwalo. “Kuthe besahamba, unogada wezwa iphunga, kwathi uma kubhekwa, kwatholakala ithuna lakwaMfusi limbiwe. Ibhokisi lomngcwabo belisobala. Kuthintwe umndeni ongumakhelwane kamufi  oxhumane nomfowabo kamufi ohlala eKapa. Ucele umakhelwane ukuba ayombhekela ethuneni ukuthi kawukho yini umonakalo owenzekile. Umakhelwane ufike wathola ukuthi ibhokisi lithintekile. Kuthe uma livulwa, kwatholakala ukuthi ikhanda likamufi kalikho. 

“Kube sekuxhunyanwa neziphathimandla zikamasipala nomphathi wendawo,” kusho ilungu lomphakathi elicele ukuba kugodlwe imininingwane yalo ngenxa yokuba bucayi kodaba.

Ngesikhathi lizethula leli phephandaba kwabebekhona, akekho obevuma ukunikezela ngolwazi kulona. Umphathi wendawo okuvele ukuthi unguNkk Nondu (esingatholakalanga isibongo sakhe), uthe akukho azokuphawula ngalolu daba ngaphandle kokuthi kuxhunyanwe noMnu Nene. 

ILANGA Lempelasonto lizamile ukuxhumana noMnu Nene, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. 

Le ndawo inamathuna amadala, iningi lawo angasanakiwe, futhi inezikhala eziningi okusolakala ukuthi zivulwa ngamalungu omphakathi ngenhloso yokuntshontsha impahla okubiyelwe ngayo.  

   Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo okuze kwashaya isikhathi sokuloba engayiphendulanga, kanti ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleITheku licuphe ngama-generator uma kuhamba ugesi ezikhungweni zokuvota
Next articleKuthungathwa owadubula isisulu sifuna umakhalekhukhwini ayesibambe wona inkunzi