NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
UZOZWA-KE kukhona abazophawula bengafundanga ukuthi ngikhuluma ngani la. Kodwa ngibathanda benjalo, ngoba ukuba khona kwabo kwenza impilo ibe mnandi njengokuba khona kwabalandeli beKaizer Chiefs, abahlale besibukisa u-action, bejikijela abaqeqeshi. Le ndaba ka-former Mrs Jones, uMinnie Dlamini, yokuthi usenyakanyakeni njengoba kuthiwa owayengumyeni wakhe, uQuinton Jones, ufuna isondlo sika-R10 000 ngenyanga, ingenze ngakhumula izibuko, ngacikica amehlo. Ngibe sengigugula, ngibheka ukuthi kanti ithini i-Anti Nuptial Contract (ANC) (with or without accrual) – ngingazi noma babeyisayinile yini ngesikhathi bezoshada – mayelana nokodliwa komuntu osedivosile. Hhayi impela impendulo engiyitholile ithe kumele wondle noma ngabe usukhala izinyembezi zikaphalafini.
Cha impela kumele ibhekisiswe indaba yale ANC yakhona ngoba phela ibuhlungu nje indaba yokondla i-ex yakho nesoka layo or nentombi yayo. Phela uma unginika u-R10 000 ngenyanga, ngeke ngingawudli nentombi yami entsha, futhi ngize ngibhale ezinkundleni zokuxhumana, ngithi: “Sisazikhipha neswidi lami lomkhuhlane elisha, u-my Zulu motos, siyodla imali.” Kulowo mzuzu, inhliziyo ivele ifune ukuphuma ngezimbambo kulo owodla i-ex. Kumele kube khona isigatshana esikhuluma ngendaba yesondlo kule nkontileka, ngoba phela akumnandi ukuxhashazwa. Kodwa naye uKhwintoni, wenzani edlisa ithimu, usengaze akhale ubumayemaye njengama-actress asemafilimini aseNigeria, afune ukondliwa ngumuntu wesifazane! Ngiyazi kukhona abazothi siyalingana, kodwa hhayi khona, ngeke nje mina ngikumele ukuthukwa yi-ex yami ilokhu ithi nginomkhaba nje, ngondliwa yiyona.
Cabanga nje le genge enomkhaba kabhiya, usuzolokhu utshelwa ukuthi wumkhaba wesondlo! Ngiyezwa nje kuthiwa uMinnie uthi wayesekhathele wukondla uKhwintoni ngesikhathi besashadile, hhayi yize uRev Mkhekhelezi – iSilo asemaChunwini – ekuzwela MaDlamini dadewethu, ukuzwela kancane ngoba phela naye wayekubhekile, kwasho khona ukuthi ewu, uJones yipigogo, uyakhanga. Impela abashayimthetho kuhulumeni kumele bayibheke indaba ye-ANC nesondlo somdivoswa, kungenjalo, le ndaba yokushada noma yokushadelwa, izothanda ukuba yinkinga. Uyacabanga nje sewondla umuntu okwathi umshadile waphenduka isoka endaweni wajola nobaba bakwamakhelwane or indoda ebingadlulwa siketi, ijola ngisho nezingane zesikole!
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!