Kumenele oshaywe ngumfowabo

1383

Kuthiwa ubemsola ngokuba namadimoni

NOMFUNDO NGWANE

UNKZ Thandazile Dlamini oshaywe ngumfowabo ngenkomishi washona ngoba emsola ngokuthi unamadimoni.
ISITHOMBE:NGOSIZO LOMNDENI

SIMUNCU isimo emndenini wakwaDlamini eBulwer, emuva kokushona kwendodakazi
yawo okusolwa ukuthi yashaywa yilungu lomndeni ngenyanga edlule, yagcina idlulile emhlabeni ngoba liyisola ngokuthi inamadimoni.
Kubikwa ukuthi uNkz Thandazile Dlamini (30) wayesemcimbini wezihlobo zakhe ngenyanga
edlule ngesikhathi ehlaselwa ngumfowabo, ozalwa ngomunye woyise, emsola ngokuthi unamadimoni qede wamshaya ngesinqe senkomishi phezu kweso, walimala kanzima, walaliswa esibhedlela isikhathi eside kanti kuzomenela ngeledlule.
Uyise kamufi, uMnu Mbuyiseni Dlamini, utshele ILANGA ukuthi kwakunomcimbi emzini wesinye isihlobo sakhe, kwabe sekusuka umsindo phakathi kwendodakazi yakhe nomsolwa, eyisola ngokuthi inamadimoni.
Uthi umsolwa washaya indodakazi yakhe ngenkomishi yaquleka ngaleso sikhathi, kodwa yabuye yaphaphama.
Uthi ngesikhathi kwenzeka lokhu, kabazitshelanga ukuthi mkhulu umonakalo owenzekile.
Ngenxa yokuthi kwase kuntambama futhi kuyimpelasonto, uthi indodakazi yakhe kayizange
isukumele phezulu, iphuthume esibhedlela.
“NgoLwesibili, isigameko kade senzeke kuyiSonto, ngathola ucingo ngisemsebenzini eThekwini lungibikela ukuthi uThandazile usevuvukele kakhulu, akasakwazi nokubona njengoba eshaywe ngumfowabo. Bamthatha bamphuthumisa emtholampilo esevuvukele ubuso nasemqaleni, kodwa esakwazi ukukhuluma.
“Wafika emtholampilo abahlengikazi bakhuza ibhadi bebona isimo ayekusona, bathi makaphuthunyiswe esibhedlela. Bafika esibhedlela batshelwa ukuthi mkhulu umonakalo
owenzekile,” kusho uMnu Dlamini.
Uthi indodakazi yakhe ihlale amasonto amathathu kwikhoma, iphefumula ngomshini. Bebengalivulile icala bewumndeni ngenxa yokuthi indodakazi yakhe yayisho njalo ngesikhathi isalimele.
Utshele ILANGA ukuthi ubengenalo ulwazi lokuthi indodakazi yakhe isingenwe
ngamadimoni, kumshaqisile ukuzwa ukuthi ishaywa nje, yingoba isolwa ngalokho.
Utshele ILANGA ukuthi umuntu osolwa ngokushaya indodakazi yakhe, kuze kube kuyimanje ubengakaze aye kuyena ayoxolisa, yize kungumuntu wasemndenini futhi esezwile ukuthi isidlulile emhlabeni.
“Ngithathe isinqumo sokuthi ngimxolele ngakwenzile ngoba ukumbambela kwami igqubu ngeke kuze kuyibuyise indodakazi yami.
“Konke okwenzekile sengikushiyele kwabomthetho njengoba sekuvulwe icala lokubulala,” kusho uMnu Dlamini.
Utshele ILANGA ukuthi indodakazi yakhe ishiye ingane eneminyaka ewu-8 ubudala, osekumele ayinakekele njengoba ingasenanina.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa avule icala lokubulala ngemuva kokushona kukaNkz Dlamini emuva kwesikhathi eside elaliswe
esibhedlela. The bekungakaboshwa muntu.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUZONDO ULUGUBHE NEZINTANDANE USUKU LOKUZALWA
Next articleBafuna aphendule uMaimane