KUMENELE UTHISHA ODUTSHULWE ESIKOLENI

573

SKHOSIPHI MTHEMBU KUMENELE esibhedlela uthisha wesikole samabanga apha-keme eNewlands West, iRiverdene Secondary, odutshulwe ngabantu abangaziwa emagcekeni esikole ngoLwesibili ekuseni. Kubikwa ukuthi uMnu Inga Nzoboyi (28) ushonele esibhedlela ngoLwesibili ebusuku. Kuvela ukuthi kungene imoto engaziwa esikoleni ebihamba abasolwa maqede bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena. Kwenzeka lokhu nje lo thisha kuthiwa ubesanda kufika kulesi sikole njengoba ebenezinyanga ezintathu eqale ukufundisa kusona. Ayicaci imbangela yokuhlaselwa kwakhe esikoleni, kodwa kubikwa ukuthi lesi sigemeko senzeke esanda kufika ekuseni esikoleni. Kubikwa ukuthi imoto engaziwa ibimlinde esangweni lapho bekunonogada khona.

Kuthiwa idlule ngejubane yangasayina esangweni kwala ngisho unogada ezama ukuyimisa. Kuthiwa iqonde kuMnu Nzoboyi kwabe sekuqhuma isibhamu amahlandla amaningi maqede yashaya yachitha. UMnu Nzoboyi ube esephuthunyiswa esibhedlela nalapho kufike kwamenela khona. Esitatimendeni esithunyelwe nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, sikuqinisekisile ukushona kwalo thisha. UNgqongqoshe wezeMfundo uMnu Kwazi Mshengu, udlulise amazwi enduduzo emndeni-ni, wathi uyethemba ukuthi abenzi bobubi bazoboshwa maduzane.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleKUVELA EZITHI UHLATSHWAYO AKASENEME KWI-BUCS
Next articleInjabulo kumzala kaSenzo ngedokodo elisha