Uthi ubefuna ukuzizwa amandla ngokugcwalisa inkundla
MTHOBISI SITHOLE
UTHUTHELEKE namabutho emphahlile umculi kamasikandi uKhuzani “INdlamlenze” Mpungose, ngoMgqibelo, eWorkshop, eThekwini ethula ngokusemthethweni albhamu yakhe entsha esihloko esithi, “Umqhele ne-Thawula”, esematheni kubathandi bakamasikandi. Inkundla yaseWorkshop ibigcwele phama, kuminyene utshumo. UKhuzani uthi uye kule nkundla, ngoba ubefuna ukuveza amandla akhe. Uthi ukumema abanye abaculi kwenza umculi angawazi amandla akhe, azincome ngokugcwalisa inkundla ekubeni esekwe abalandeli abasuke befikele ukuzobona abanye abaculi.
“Akekho umculi engimumemile nengimakethe ngaye ukuba ezo-ngeseka emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu yami, ngizenzele ngedwa vo. Abalandeli abafike eWorkshop bebebizwe yimina ngingedwa, wonke umuntu obefikile ubezokweseka mina, ezolalela umsebenzi wami omusha engiwukhiphile,” kusho uKhuzani. UKhuzani uthi ukufika kwamabutho kusho lukhulu kuyena ngokwamandla akhe emculweni kamasikandi. Uveze ukuthi le albhamu yenza kahle emakethe. “Amabutho awuphawu lokweseka ubukhosi KwaZulu, okusho ukuthi kumasikandi ngisathakaselwe kakhulu ngokobukhosi bami komasikandi,” kusho uKhuzani.
Le albhamu ephume mhla ka-2 kwephezulu, inezingoma eziwu-10, ezihamba phambili okwama-nje kuhlangene zonke izinhlobo zomculo ngokuba sematheni eNingizimu Afrika. Abantu abaningi sebegqoka umqhele nethawula belingisa yena okusoleka ukuthi ngayo ugadla kuNgizwe Mchunu owaziwa kakhulu ngokufaka umqhele okubalwa nembangi yakhe yezomculo. • Khona manjalo kufezeke iphupho lomndeni wakwaButhelezi endaweni yakwaNgenetsheni, eVryheid ngokubona umculi kamasikandi obukade ufisa ukumbona, ngenxa yengane yawo ebonakale ikhalela ingoma entsha kaKhuzani, ifuna ukudlalelwa yona.
UKhuzani uvakashele lo mndeni ngoLwesithathu eyobona uKusaselihle Buthelezi (2). Ugogo wale wengane uNkz Zodwa Khumalo, uthi abakaze bacabange ukuthi uKhuzani angafika egcekeni labo. Utshele leli phephandaba ukuthi ngenxa yomzukulu wakhe ogile izimanga, sekwenzekile. Uthi bajwayele ukudlala umculo kaKhuzani. “Umzukulu ushuthwe yizingane zamfaka ezinkundleni zokuxhumana kwase kusabalala. Ubekhalela ingoma kaKhuzani ngoba uyawuthanda kakhulu umculo wakhe,” kusho uNkz Khumalo. “Sijabule kakhulu, uNkulunkulu uyazihlela izinto zakhe,” esho. Uveze nokuthi umzukulu wakhe uyingane enobuhlakani.
Uthi akakhohlwa futhi uyalingisa into ayibonile. Eziphawulela uKhuzani uthi kumhlabe umxhwele ukubona phephandaba lithole ukuthi Abafana bakaMgqumeni bamatasa nokushutha uhlelo olukhuluma ngempilo yabo oluzokhonjiswa kumabonakude kuMzansi Magic 161. UNelisani walile ukucacisa ngalolu hlelo. Abafana bakaMgqumeni sebezihlabanele ngezindondo eziyisishiyagalolunye, bawelela phesheya kwezilwandle eRussia ngo-2018, beweliswe uMnyango wezamaSiko namaCiko eMpumalanga beyomela lesi sifundazwe kulelizwe kwiWorld Cup, bavakahele nesiqhingi iSychelles. Phakathi kwezindondo elihlabane ngazo kubalwa eyamaSouth African Traditional Music Achievements Award