Kuminyene utshumo oNdini

658

INTATHELI YELANGA

KUCINENE utshumo edolobheni oNdini, kuyabonakala ukuthi kukhulu okwenzekile njengoba kukhothame iNkosi yakwaButhelezi, uMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu, ongumsunguli we-IFP. Edolobheni abantu bayehla bayenyuka – babodwa abahlobe ngomfaniswano we-IFP, kanti namabutho kawazibekile phansi, ayaphithizela, ahlobe ngemvunulo. Emigwaqweni kusukela phakathi edolobheni  kuze kuyoshaya KwaPhindangene, bekuphithizela izimoto zamaphoyisa, amasosha nomphakathi. Izimoto eziphayiza amalambu aluhlaza, ezithwala izikhulu, nazo bezehla zenyuka. Kukhona abebephephezelisa amafulegi amancane e-IFP, anesithombe soMntwana. 

Abantwana besikole basheshe badedelwa. 

INkosi Buthelezi itshalwa kusasa ngoMgqibelo. 

Previous articleUkube uShenge uyi-tournament, ngabe uyiWorld Cup
Next articleBabonga uShenge ngokusindisa iNgwavuma