BONGINKOSI ZONDI
SEKUMISIWE ukwamukelwa kweziguli esibhedlela esizimele iNetcare Kingsway, eManzimtoti eningizimu yeTheku.
Imibiko ephume izolo ngoLwesithathu ekuseni, ithe lesi sibhedlela sikumisile ukwamukelwa kweziguli emuva kokuba kuvele ukuthi esinye isiguli sihaqwe yiCovid-19.
Ngokusho kukadokotela waso okade eselaphela umkhuhlane ovamile, ngomhla ka-1 kuMbasa (April) nonyaka, wacela ukuba sihlolelwe iCovid-19 nakuba besingakabonisi izimpawu zaleli gciwane.
Imiphumela yabuya iqinisekisa ukuthi nebala lesi siguli sesihaqekile.
Ngokwalo mbiko, lokhu kunyakazise abaphathi ukuba basivale ngokushesha lesi sigaba futhi singabe sisemukela iziguli ezintsha.
Ongunobhala wesifundazwe womfelandawonye wezinyunyana iNehawu, u-Ayanda Zulu, ukuqinisekisile ukuthi isigaba sokwamukela abezimo eziphuthumayo, i-trauma unit, sivaliwe ngoLwesibili emuva kokuba isiguli nezisebenzi zihlolwe zatholakala zihaqekile.
ILANGA lishayele lesi sibhedlela ucingo ukuthola eminye imininingwane ngalolu daba.
Owesifazane ongazishongo igama lakhe, ukuqinisekisile lokhu, futhi wengeza nokuthi ezinye izigaba ziyasebenza kodwa wathi eminye imininingwane ingatholakala kumxhumanisi wesibhedela nabezindaba, maqede wayesedlulisa ucingo.
Ucingo lukhale lwaphendulwa yiphimbo eliqoshiwe ebelinika umyalezo othi ngenxa yesimo segciwane, kumisiwe ukwamukelwa kwezinye iziguli ngaphandle kwabagula kakhulu, abazobeletha namagumbi abantwana.
Ngalesi sizathu kayiphumelelanga imizamo yokuzwa ngesimo salabo abahaqekile.
Kuzokhunjulwa ukuthi mhla ka-8 kuMbasa isibhedlela esizimele, iSt Augustine’s naso savala isigaba sosizo oluphuthumayo phansi kwesimo esifanayo sokuhlasela kwaleligciwane, kwathi kamuva abaphathi bakwaNetcare bakhipha isitatimende ukuchazela umphakathi ngaleso sinqumo.
bonginkosi@ilanganews.co.za