Kumiswe imidlalo beqhumisa izibhamu “bezilele” uShenge

1373

PHUMLANI GAMA

KUQHUME inganono kwaphoqeleka ukuba kuhlehliswe imidlalo kanobhutshuzwayo obekufanele idlalelwe eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngeSonto, ngesikhathi abahlali basehositela lase-17 beshaya phansi ngonyawo, bethi kumele kuzilwe njengoba kukhothame iNkosi uMangosuthu Buthelezi. 

   Bekulindeleke ukuba kudlale amakilabhu amane ngaphansi kweHolywoodbets Super League (Ladies Soccer). 

Umdlalo wokuqala ubuzoba ngo-09h30 phakathi kweRoyal AM Ladies yaKwaZulu-Natal neCity Lads Ladies yaseGqeberha, e-Eastern Cape. 

Owesibili ubuzoqala ngo-15h00 phakathi kweDurban Ladies neTS Galaxy Queens. 

Ngokusho komthombo ozinze kule ndawo, kuthe ngezithuba zasekuseni kwaba nabathile abahlala kuleli hositela abebe-hlongoza ukuvala umgwaqo, uMangosuthu Highway, nokuvala amasango angenela kule nkundla.

Kuthiwa bebethi akukho okufanele kwenzeke, kufanele kuzilwe esizweni sonke samaZulu ngemuva kokukhothama kukaNdunankulu kaZulu. 

“Laba bantu bafikele lapha kimi esangweni. Bathe bazomisa konke okufanele kwenzeke kule nkundla ngoba kufanele kuzilelwe ukukhothama kukaShenge. 

“Thina sisemsebenzini ngoba kuphoqa isimo. Kuthe kusenjalo kwaqala ukuqhunyiswa kwezibhamu. Ziqhume amahlandla amaningi. 

“Ukuqhunyiswa kwazo kuholele ekutheni kumiswe yonke into, abathwebuli nezintatheli baphoqeleka ukuqoqa amathuluzi abo, bahambe. 

“Ingxenye enkulu yabantu efike lapha, ikuthathe njengokunqoba kuyona ukuhlehliswa kwemidlalo ngoba ithi kuziliwe,” usho. 

ILANGA lifike kule nkundla abadlali nabalandeli beRoyal AM Ladies sebephuma ngamabhasi. Leli phephandaba lizame kaningi ukuthola uvo lwaleli qembu, kodwa kwangenzeka. 

Ucingo lukaMnu Sithembiso Hlongwane belungabanjwa. 

UMnu Tamsanqa Klassen ongumqeqeshi weCity Lads Ladies, uthe imidlalo ihlehliselwe usuku olungaziwa. 

“Ukuqhunyiswa kwezibhamu kube wumyalezo oqinile futhi bekuyincwadi okungadingi ngisho nokuthi ungabe usafuna ikheli lalapho iphuma khona ukuze uzokwazi ukuyiphendula. 

“Sibizelwe eceleni, satshelwa ukuthi imidlalo iyahlehliswa, ngeke isaqhubeka ngesizathu sokuthi kusaziliwe. Nathi singa-bantu abamnyama, siyakuqonda ukubaluleka kokuzila. 

“Ukungena ezindlekweni maqede singakwazi ukuqhubeka nomdlalo akusho lutho, okubalulekile yimpilo yezingane zabantu esihamba nazo, okufanele senze isiqiniseko sokuthi zivikelekile ngaso sonke isikhathi,” kusho uMnu Klassen.  

USihlalo woBumbano lwamaHositela, uMnu Mthengiseni Thusi, usigxekile lesi sigameko. Uthe kawukho umyalezo ophumi-le ekomkhulu lapho kunxuswa ukuba kumiswe yonke into esizweni. 

“Abakwenzayo lokho bazenzela bona ngokwabo. Akuhlangene nathi singabaholi bamahositela. Imidlalo iyohlala ikhona ngaso sonke isikhathi. Bekungafanele kuqhunyiswe izibhamu ngoba nakhu kufanele ihlehliswe,” kuphetha uMnu Thusi.

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleINkatha ibonga uRamaphosa ngomngcwabo kaShenge
Next articleImithandazo kaKhoza “ngesigqiki” sikaNdunankulu kaZulu