kumiswe umengameli we-sascoc

543

ISIGUNGU seSascoc sithathe isinqumo sokumisa uMengameli wayo obambile uBarry Hendricks (osesithombeni) kwabe sekuqokwa u-Aleck Skhosana ukubamba kulesi sikhundla. 

USkhosana uqokwa kulesi sikhundla nje, ubevele elisekela likaHendricks kwiSascoc. 

USkhosana ubengaboni ngaso linye neSascoc njengoba engekho ohlwini lwabazongenela ukhetho lwale nhlangano oluhlehlisiwe ngenxa yeCoronavirus. Imizamo yokuthola isikhulu esiphezulu seSascoc uRavi Govender iphunzile njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela singalubambi ucingo. 

Previous articleZIBALIWE EZIKAMPONTSHANE KWI-BUCS
Next articlekuhlukene imibono kubagijimi nge-comrades