Kumnyama ngekusasa lomdlali weChiefs

1022

SENZO SOKHELA

UDUNGUZA ebumnyameni ngekusasa lomdlali wakhe uMike Makaab ongumphathi kaKearyn Baccus okuvela ukuthi iKaizer Chiefs imfaka amasondo. Inkontileka kaBaccus (30) odlala esiswini kwiChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. Lo mdlali kuvela ukuthi angase alibhekise kwelakubo eAustralia kwazise akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uStuart Baxter. Selokhu kufike uBaxter usephenduke ifenisha njengoba esizwa ngendaba isikimu. Kuthiwa vele akaseneme ngokuba kwiChiefs. Umthombo waleli phephandaba uthe: “IChiefs vele kayisamdingi kodwa kakucaci ukuthi yini evimbile ngoba ithule. “Iwindi lokudayiselana nga-badlali liyavalwa ngoMsombuluko (namuhla) kusihlwa okuzophoqa ukuthi ahlale ezinye izinyanga engadlali.”

Leli phephandaba libuza uMakaab wakwaProsport International okuyinkampani ephethe izindaba zalo mdlali ngesimo sakhe, uthe: “Uma ngingakhuluma iqiniso kangazi ngempela (ukuthi kuqhubekani ngaye).” UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ukubeke kwacaca kuleli phephandaba ukuthi uma kukhona okwenzekayo okuthinta ukunyakaza kwabadlali bazomemezela. USibongiseni “Ox” Mthethwa obekwiBlack Leopards kulindeleke ukuba athulwe yiStellenbosch namuhla njengomunye wabadlali bayo abasha. Kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emine.

Previous articleKusolwa izidakamizwa ngokubulawa kwabantu
Next articleAbazali banovalo ngebhasi “eligcwala kuze kweqe”