Kunenge abameli ukuhlehliswa kwesicelo kwelokubulawa kwephoyisa

273

JOHN HLONGWA

SINENGE abameli babamangalelwa isinqumo sokuhlehliswa kokulalelwa kwesicelo sokudlulisela eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala lokubulawa kwesikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, uCapt Thomas Ntombela, ebesilalelwe eNkantolo yeMantshi yaseMlazi namhlanje. Abamangalelwa yinkosikazi kamufi uNkk Faith Ntombela, nguKhulekani Cele -osolwa ngokuba ngumxhumanisi phakathi kwabakhi betulo nenkabi – noMnu Sithembiso Khumalo onguthishanhloko kwesinye sezikole zaKwaMaphumulo. 

Namuhla bekulindeleke ukuba umbuso wethule uhlu lwamacala abhekene nabamangalelwa. 

KUSUKELA kwesobunxele; ngabamangalelwa uNkk Faith Ntombela, uKhulekani Cele noMnu Sithembiso Khumalo. ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

Abameli u-Ashwin Rughbeer – omele uNkk Faith Ntombela – no-Advocate Mdu Mvune omele uKhumalo, bagxeke umbuso ngokungazilungiseleli kusenesikhathi. Umbuso obumelwe nguNkz S. Mohan, ucele ukuba  icala lihlehlele umhla ka-10 kuMbasa (April) ngenxa yokuthi kunengxenye yenkantolo eke yasha, kwaphazamiseka izinhlelo. 

Abameli bavumelene nalokhu. Okuqaphelekile wukuthi umeli kaKhulekani ubengekho enkantolo. Kuvele ukuthi umelwe ngumeli kahulumeni. UNkk Ntombela – ongummangalelwa wokuqala – usesitokisini, uKhulekani (ongowesibili) uvele ugweshelwe elinye icala kanti uKhumalo ongowesithathu, ungaphandle ngebheyili. 

Previous articleKwexwayiswa ngesimo sezulu esinamandla ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal
Next articleUmndeni udidekile ngenduna ebulawe kuhambe ugesi