Kungani singakhethi ukubuyisana njengezingane zandawonye?

276

NGU-CALLISTUS NKWANYANA

NGIYAZI ukuthi ukubuyisana kuqala ngokuxebula izilonda ezindala, ezinye zazo ezingakapholi, kwazise kasemukeli izinto ngendlela efanayo. 

Lokhu kudalwa wukuthi kasifani, kasicabangi ngokufana, kasenzi ngokufana futhi kasiboni ngendlela efanayo. 

Ukubuyisana kudinga kuqale kumuntu ngamunye, avume ukuthi uzimisele ngokubuyisana nabanye. 

Lokhu kusho ukungazicabangeli wena wedwa, kodwa ubheke nalabo obuyisana nabo. Uma usazibeka phambili, ngeke kube nokubuyisana. 

Ukubuyisana kudinga kube nendawo lapho enifuna ukufika kuyona nonke. Kungaba wuxolo, kungaba wukwakha isizwe noma wukufeza iphupho thizeni. 

Lezo zinto enifuna ukuzifeza, kumele zibenkulu kunezibazi enidlule kuzona. Kumele zivikele okuthile. 

Phela ukungabuyisani kungenza nonke nilahlekelwe yizinto eziwumgogodla wenu. 

Uma kusekhona abasancamela ukulahlekelwa – abathi kungamane kuphele konke – lokho kusho ukuthi kabakakulungeli ukubuyisana.

Izwe lethu selifike esigabeni lapho kufanele sizibuze ukuthi sitholani ngengxabano yomnyama nomnyama. 

Sitholani ngokungezwani kwethu eNingizimu Afrika? 

Uma singaphendula le mibuzo ngobuqotho, kungabe sesiqala ukuya phambili.

Sibulelene, siqhathiwe iminyaka ngeminyaka, sababona nabasiqhathayo. Yini manje ebambe ukuthi sibuyisane? Abasiqhatha bahleli kamnandi emazweni abo, namanje basadla kahle ngegazi lethu, nangezithukuthuku zethu. 

Kuyoze kube nini bantu baseNingizimu Afrika nibanga ithambo elingenanyama kuhle kwezingcanga? Ngxabano yini le engapheli kithi? 

Impi yomhlaba yango-1914-18, yaqhatha amazwe amaningi, abulalana asala nezibazi. 

Impi yesibili yango-1941-45, nayo yabulala izigidigidi zabantu, yashiya izibazi emhlabeni wonke.

Amanye amazwe ayeyizitha kulezi zimpi, asebambisene manje, ayasebenzisana phezu kwaleyo mpophoma yegazi elaphalala.
Yini lena engaka evimbe thina ukuthi sisebenzisane, sakhe izwe lethu? 

Yini lena eyenza sehluleke wukubeka izwe lethu phambili?

I-Rwanda yadlula esigabeni esinzima kakhulu ngo-1994 lapho amaHutu namaTutsi ayebambene ngezihluthu, kwafa abantu abangaphezulu kwesigidi.
Kodwa namuhla kuleli zwe, ngeke usakubona lokho. Kunezinhlelo zokubuyisana (reconciliation). 

NgoNtulikazi (July) walo nyaka,  umnotho waseRwanda ukhule ngo 9,2%. Leliya lizwe lihlanzekile, okukhombisa ukuzithanda
nokuzigqaja kwabantu bakhona ngalo. 

Phela ukungazithandi kuqala ngokungahlanzeki kwendawo ohlala kuyona. Uma ingahlanzekile, lokhu kusho ukungahlanzeki kwengaphakathi lakho. 

I-Rwanda ithuthuka ngendlela emangalisayo, naphezu kwezilonda abantu balo abadlule kuzo. 

Kunendawo eyisikhumbuzo (Kigali Genocide Memorial) ezizukulwaneni ukuthi impi iyabulala nokuthi kayiyona isixazululo.

Le ndawo igcine amathambo abantu abalinganiselwa ku-250 000. 

Thina kungani singakhethi ukubuyisana, ikakhulu njengezingane zandawonye? 

ENingizimu Afrika, abantu abamnyama kabehlukaniswa wubuzwe babo, kodwa behlukaniswa ngamaqembu abo ezepolitiki.

Lokhu kusho ukwehlukana ngemibono. 

Ukwehlukana ngemibono kakuyona into engaze isenze sibulalane singabandawonye. 

IKwazulu-Natal inabantu abawu-20% ebanwtini baseNingizimu Afrika sebebonke, ukuthula kulesi sifundazwe, kusho ukuthula eNingizimu Afrika.

Ukungezwani phakathi kwe-ANC ne-IFP akudalwanga wubuhlanga, kodwa kwaba
wukwehluka kwemibono phakathi kwengane noyise. 

Ukungena kwamashoshozela angaphandle kwenza ingxabano yabhebhetheka. 

Phela amashoshozela ayenezinhloso zawo. Izingane zandawonye kumele zivalelane, zikhumelane umlotha. 

Kumele zibeke umndeni wazo phambili, okuyiNingizimu Afrika.

* UMnuCallistus Bheki Nkwanyana uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation

Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral

Regeneration

Ungumbhali wencwadi: “Talking to Yourself: The Journey to Self-discovery”

Uyatholakala ku: nkwanya-nacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatsApp

Previous article“Bayesatshiswa” abadayisi abanyuselwe wumasipala irenti ngo-234.59%
Next articleInkantolo ibonge ufakazi igweba ababulali