Kungase kuboshwe abanye kwelokubulawa kuka-AKA

301

THANDOLUHLE NGUBO

SINGASE sikhule isibalo sabantu ababoshelwe icala lokubulawa komculi we-hip hop, uKiernan “AKA” Forbes (osesithombeni) nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa ngoNhlolanja (February) wonyaka odlule ngaphandle kwendawo yokudlela iWish, emgwaqweni uFlorida, eThekwini.

Lokhu kuvezwe ngumshushisi, uMnu Lawrence Gcaba ngoLwesine ngesikhathi leli cala – elinabasolwa abawu-5; okunguMnu Lindokuhle Mkhwanazi, uMnu Lindani Zenzele Ndimande, uMnu Siyanda Eddie Myeza, uMnu Muziwethemba Gwabeni noMnu Lindokuhle Ndimande – lihleli eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Bekulindeleke ukuba umbuso wenze izethulo zophenyo lwawo njengoba wawucele ukunikwa izinyanga ezine zokuphothula konke okudingekayo. 

Phakathi kwezinto umbuso owaveza ukuthi uzoziphenya, wukukhokhwa kuka-R803 455 okuthiwa wawuphuma kwi-akhawunti yenkampani iBright Circle, okuvela ukuthi ngeyenjinga yaseThekwini engusomatekisi, uMnu Mfundo Gcaba. Le mali yangena kwi-akhawunti kaGwabeni. Amaphepha asenkantolo aveza ukuthi ngemuva kwemizuzu embalwa ingenile, uGwabeni wayehlukanisela abanye abasolwa, kwaba wu-R133 000 umuntu emunye. 

Uphenyo lwaluzophinde luveze ulwazi oluthe xaxa odabeni olumayelana nomakhalekhukhwini kaGwabeni ukuthi uyenqaba ukuwunikela emaphoyiseni. Umshushisi utshele inkantolo ukuthi uhlelo lokuboshwa kwalaba abanye abasolwa lusendleleni. Uthe umbuso sewuxhumene nabanye abantu ukuze bathumele izitatimende zabo futhi balinde ukuzwa isinqumo seNkantolo 

yaKwaManzini, eSwazini, lapho okuboshwe khona ababili abayanyaniswa naleli cala. Laba basolwa okunguMnu Siyabonga Ndimande noMnu Malusi Ndimande, abayizelamani, kulindeleke ukuba kuphume isinqumo sokuthi bayabuyiselwa yini eNingizimu Afrika. Abammeli babo bathi kakumele babuyiselwe kuleli ngoba kabaphephile. Batshela inkantolo ukuthi lezi zelamani zesaba amaphoyisa ophiko lweNIU njengoba zithi phambilini azesabisa ngokuzibulala ngoba beziyingxenye yabebesempini yamatekisi, kubangwa umzila waseMalukazi, eningizimu yeTheku.

UMbuso waseSwazini uthi laba kumele babuyele kuleli bazoshushiswa ngoba inhlangano yezokushushisa KwaZulu-Natal, ihlinzeke inkantolo yakuleliya lizwe ngo-lwazi oluveza ukuthi kunesitho mbemnyakazo (video) seCCTV esiveza esinye salezi zelamani sidubula uForbes, futhi nobufakazi bezingcingo buveza ukuthi siyathinteka.

Lezi zelamani zaboshelwa ukutholakala zingenawo amaphepha okuba seSwazini, kanti kalikho icala ezilihambayo khona. Umbuso uthi uphenyo olumayelana nokuthola ulwazi olumayelana nemali luyaqhubeka.

Uhlangothi lombuso luvumelane nolwabamangalelwa ngokuthi icala liguqele umhla ka-29 kuLwezi (November) nonyaka. 

Imantshi, uMnu uVincent Hlatshwayo, iqinisekise lolu suku yagcizelela ukuthi kubalulekile ukuba uphenyo luphothulwe ngaphambi kokuqhubeka necala.

Previous articleUboshwe esemsebenzini uthisha osolwa ngokudlwengula umfundi
Next articleIsicelo soweBay FC kubalandeli