Kungase kuphele ukukolekelwa kofata bamaRoma aKhatholika

323

Umbhishobhi ucele ukuba bazwelwe abazalwane ngenxa yesimo somnotho

UMBHISHOBHI Sithembele Sipuka ofisa kushintshwe imicimbi yamajubhili ofata bamaKhatholika.

KUNGASE kuphele ukushayelwa indishi (ukukolekelwa imali) ngabazalwane kofata bamaRoma aKhatholika abasuke begubha ukuhlanganisa iminyaka ethile (anniversaries) namajubhili bekulezi zikhundla, njengoba umkhandlu wababhishobhi baleli bandla eNingizimu Afrika, iSouth African Catholic Bishops Conference (SACBC) ucele ukuba babe nozwelo ngenxa yesimo somnotho. UMengameli weSACBC, umBhishobhi Sithembele Sipuka wama-Khatholika eDayosisi yaseMthatha, e-Eastern Cape, ucashunwe kwi-Association for Catholic Information in Africa (Aciafrica) enxusa ofata ukuba bashintshe ukwenza ngemicimbi yezikhumbuzo namajubhili abo.


Ubakhuthaze ukuba bawagubhe ngokuhlawanganisa nemikhosi ethile yosanta bebandla kunokuba bathushuke sebenemigubho esikhaleni. Ngokujwayelekile, ebandleni lamaKhatholika kuye kuthi uma umphristi ehlanganisa iminyaka esukela kwewu-5 ekulesi sikhundla, enzelwe umcimbi ngabazalwane bepherishi noma bemishini ayibhekile emuva kwemisa ngeSonto. Abazalwane ngokwehlukana kwemihlangano yebandla, bangena nezipho ezibizwa ngombondo, ziyothulwa phambi komphristi. Kushaywa nendishi kuhlanganiselwa ufata isipho semali, ahlatshiswe nangesiklabhu. Kugcina sekuwumdlalo wemali, sekuqhudelana yonke imihlangano, kubhekwa ukuthi yimuphi okhiphe umnikelo omkhulu kunomunye.


UmBhishobhi Sipuka uthi isimo somnotho sibi, ngakho kunemicimbi eyenziwayo ebandleni egcina isebenzisa imali enkulu engalekelela kwezinye izidingo zalo njengoba libhekene nenkinga kwezemali. Nokho usincomile isenzo sabazalwane sokunika ofata babo izipho uma begubha iminyaka ethile besezikhundleni. “Besingakujabulela ukubona imicimbi yofata ingazimeli yodwa, kodwa ihlanganiswe nemikhosi yosanta ngokwehlukana kwabo. Ebandleni sinamabizelo amaningi, ngakho kakumele kubesengathi kukhona abaluleke kakhulu kunamanye. “Le yokugubha, ijwayeleke kakhulu kubaphristi kanti sinamabizelo ahlukene ebandleni njengoba sinamasistela namabhulata ngokwehlukana kwemihlangano yawo, ngakho nawo la mabizelo kumele angacindezelwa,” kusho umBhishobhi Sipuka.


Nokho kuphambana imibono njengoba abanye ofata abakhulume neLANGA-ngaphansi kombandela wokuba bangadalulwa kwazise kabagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba basihlabile isiphakamiso sikamBhishobhi Sipuka. Omunye uthe bengabaphristi, bahlukene ebandleni ngokwemihlangano yezigodlo zabo kwazise kukhona ababhekwe ngumbhishobhi wedayosisi abakuyona, bese kuba khona abangaphansi kwemihlangano ethile yasezigodlweni. “Thina esisemihlanganweni kasifani nabakambhishobhi bona abanemihlomulo ethile evela ehhovisi lakhe. Uma senzelwa imicimbi yamajubhili, esikuthola kubazalwane kusilekelela kakhulu ezigodlweni zethu.

Singakujabulela ukubona umBhishobhi Sipuka ekubuka ngamanye amehlo lokhu akuphakamisile,” kusho omunye wofata. Omunye ufata ongekho emhlanganweni wofata, kodwa owondliwa ngumbhishobhi, uthe: “Uyihlabe esikhonkosini umBhishobhi Sipuka ngolwemigubho yofata. Kunofata abaluse amakholwa asemakhaya abathola okuncane okungafani nokutholwa ngabaluse emadolobheni, okwenza bagcine sebeqhoshelana ngenxa yendishi abashayelwa yona ngabazalwane. Kuhle impela uma amajubhili sizowahlanganisa nemikhosi yosanta bebandla.”
www.ilanganews.co.za

Previous articleUmndeni unovalo ngokudutshulwa kukafakazi ecaleni
Next articleIsitimela seDowns sigaye iBucs