Kungena abaxhasi abasha kumaZulu FC

420

MFANAFUTHI NDLOVU

BANGENA begelezisa okwamanzi abaxhasi abasha kumaZulu FC adlala ingcwenga yebhola selokhu kuqale isizini okufakazelwa wukunyukela kwi-top 8 kwawo nokudlulela esigabeni sika-last 16 seNedbank Cup lapho ezovovana khona inkani neBlack Leopards ngo-Mgqibelo ngo-15h00 eThohoyandou Stadium.

ILANGA lithole ukuthi le kilabhu esekwe ngabakwaSpar neDurban Tourism, bese edlubha izimpahla zokugqoka zakwa-Umbro, seyithole abanye abaxhasi njengoba kungena abakwaBell SA phambilini ababeseke iThanda Royal Zulu eseyashabalala, abakwaWoodlands Dairy abazoseka le kilabhu ngokudla okunomsoco okudingwa ngabadlali bakanobhutshuzwayo ne-International Soccer Science and Performance Federation (ISSPF).

USuthu luyikilabhu yokuqala e-Afrika ukwesekwa yi-ISSPF egxile ekuthuthukiseni abadlali ngokubahlinzeka ngezifundo online zokubakhulisa ikakhulukazi ngokomqondo. 

Lezi zifundo zethulwa ngamakilabhu ahlonishwayo e-Europe kubalwa iManchester United yase-England, iBoca Juniors yase-Argentina, iBesiktas yase-Turkey, iLeicester City yase-England, iDynamo Moscow yaseRussia, iBenfica nePorto basePortugal ukukha nje phezulu.

Ukungena kwalaba baxhasi kulindeleke ukuba kwenze le kilabhu iqhubeke nokungagayelwa mphako ensimini njengoba ivutha selokhu ithathwe nguBenni McCarthy (osesithombeni) ongumlolongi wayo omusha. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uSandile Zungu ethulwa njengomengameli wale kilabhu nyakenye, walibeka ngesihloko elokuthi ufuna ivutha enkundleni ukuze izoheha kalula abaxhasi nabalandeli okuyinto esiqalile ukwenzeka.

UMcCarthy ephawula ngomdlalo we-Leopards, uthe ulindele ubunzima njengoba seyinomqeqeshi omusha uKosta Papic okholelwa ebholeni lokuhlasela. 

Uthi kuzobashaya nokuhamba ibanga elide beya kulo mdlalo anethemba lokuthi bazofika inkundla isesimweni.

Isiyonke imidlalo yesigaba sika-last 16 yeNedbank Cup iqhathwe kanje:-

KUSASA NGOLWESIHLANU

EParow Park Stadium: Cape Town All Stars vs Cape Town Spurs 15h00.

EPeter Mokaba Stadium: Tshakhuma Tsha Madzivhandila vs Swallows FC 18h00.

NGOMGQIBELO

EThohoyandou Stadium: Black Leopards vs AmaZulu 15h00.

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Orlando Pirates 18h00.

NGESONTO

ELucas Masterpieces Moripe Stadium: Pretoria Callies vs JDR Stars 15h00.

EMbombela Stadium: TS Sporting vs Richards Bay 15h00.

ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Cape Town City FC 18h00.

NGOMHLA KA-03 KUNDASA (MARCH)

ELoftus: Sundowns vs Polokwane City 18h00.

Previous articleWIN ONE OF 10 BURSARIES
Next articleInjabulo ngakhushulwa intela