Kuningi okungafundwa emsebenzini omuhle kaDkt Mkhize

714

MHLELI; ngithi mangibonge ngomsebenzi omuhle kaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize ngokukhathathela impilo yethu kuleli gciwane, iCovid-19, elihlasele umhlaba wonke.

Umqoka umlayezo wokuthi sihlale emakhaya siqhube inhlanzeko, sihlanze izandla nakuba kunzima kwabanye bethu ukuthola lelo qhuzu lensi-pho lokugeza lezo zandla.

Ngiwubona uphinde uphonsela inselelo kozakwabo bomnyango wezokuhlaliswa kwabantu (Human Settlements) ukuthi sihlala singenalo uzinzo thina esingenawo amakhaya, esihamba sihlala. 

Ngikhuluma nje, sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-16 ngihamba ngiquba, ngiqasha, ngigadela abantu izindawo zabo nomama. Umama uhamba ebamba amatoho emizini yama-Ndiya ukuze silale sidlile.

Sengilufunile usizo ngihamba ngingena naseminyangweni eyahlukene kodwa kangilutholi. Ubuholi bendawo, emkhandlwini buyasazi isimo engibhekene naso, ngike ngiyobakhalela ngaso kodwa bangishaya indiva.

Sengaze ngayovela nasemahhovisi amakhulu eMgungundlovu nakhona kwaba sengathi kuyathembisa, bangiyalela ukuba ngibhale nencwadi ngiyithumele eThekwini ehhovisi likaPeggy Nkonyeni, kodwa lutho izimpendulo.

Sekwake kwafika oyedwa osebenzela ehhovisi lakwaHuman Settlements ezokwenza i-assessment kwisimo senhlalo, wafike wabona wabe esebhala umbiko owawuzoya emahhovisini abo, kwaba amasolokohlo kuze kube yinamhlanje kangikutholi ukuchazeleka noma imiphumela yokuthi kwenzakalani.

Nganginethemba lokuthi izinto hleze zilunge nakithina kanti kuphi khona, namanje sisalindile sekuyoze kubuye uJesu. 

Kubi impela ngoba kasinandawo okungenani yokwakha lowo mkhukhwana wokufihla ikhanda ukuze umntomdala engezolokhu ephilisa okwenyamazane.

Ingikhathaza impela le nto ebhekene nesizwe, ifaka ingcindezi empilweni yethu, kangakanani sekuhlangene nokungabi nalo ikhaya. Kasazi ukuthi siyophuma sibheke kuphi uma kuphela lezi zinsuku esicelwe ukuba sihlale ngazo emakhaya, hleze siyophelela emgwaqweni. Uke wahlengezela izinyembenzi esebona kuthi sesizoyohlala emgwaqweni njengoba sicuphile, ukuze si-hloniphe isicelo sikamenga-meli sokuba kudlule lesi simo esibhe-kene nesizwe sigonqile.

Ngize ngaphothula imfundo yamabanga aphakeme kwenye yamanyuvesi aseMgungundlovu. Uma kuvalwa izikole ozakwethu beya emakhaya, mina bengibikelwa, ngicabanga ngalowa mkhukhu ongena amakhaza nezimvula ukuthi imiphefumulo engiyishiye khona kazi iyaphila yini, ngiyofika umkhukhu ungamukile yini ezimvuleni ezike zadla lubi.

Ngiyabonga mhleli ngesikhathi sakho, ngingaze ngiqede nesikhala kwiphephandaba lakho, sengivala, Gubhela uyinyoni kayiphumuli kulesi sikhathi esinzima esibhekene nezwe. 

Uqhubeke njalo nokusikhathalela. Ngethemba ukuthi nozakwenu kweminye iminyango bazothola isibonelo esihle kuwena.

Umfundii okhathazekile

Previous articleSekuyacaca ngomshwalense wababeka izimali emabhange
Next articlengibona ubudedengu obukhulu kwabomthetho