NONHLAKANIPHO SHINGA
KUSHAYISANA imibono phakathi kwamaphoyisa nomndeni wowesilisa waKwaNgenetsheni, eVryheid, emuva kokunyamalala kwakhe amasonto amabili, kwatholakala isidumbu sakhe sicwiyiwe. Isidumbu sikaMnu Skhumbuzo Nxumalo (56) (osesithombeni) – onyamalale kade ekomunye umuzi obekunomsebenzi kuwona – sigcine singcwatshwe singenakhanda. Ezinye izinsalela zesidumbu zitholakale lapho obekuke kwabhekwa kuphindelelwa khona.
Ngokuthola kweLANGA, lesi sigameko senze izakhamizi zakule ndawo zethuka, zithi selokhu zaba khona kakukaze kwenzeke into efana nalena, futhi bekuqala ngqa ngoNxumalo ukuthi kungcwatshwe isidumbu esingenalo ikhanda ngoba linga-tholakali. Kubikwa ukuthi kunesihlobo sakwaNxumalo esithe sizihambela nje, sabona ingalo bude buduze nomgwaqo, sahlaba umkhosi, kwaqalwa phansi kwabhekwa.
“Inkinga ekhona eyenza umndeni namaphoyisa bashayisane ngemibono wukuthi amaphoyisa athi asola ukuthi wadliwa yisilwane thizeni, kodwa umndeni kawukukholwa lokho, ukhala ngokuthi wabheka izikhawu eziningi kungekho lutho lapho okutholakale khona isidumbu sakhe,” kusho umthombo.
Uthi basola ukuthi amaphoyisa asesiteshini iNgome, anqena ukuphenya njengoba ethi wadliwa yizilwane ngoba kakukho izilwane lapho bakhe khona.
UNkz Sphesihle Nxumalo oyilungu lomndeni, uthi selokhu kwenzeke lesi sigameko, balala obenyoni. Uthi bewumndeni kuyabakhathaza ukuthi baze bangcwaba ikhanda lingathokalanga, kodwa okubakhuba kakhulu umoya wukuthi kuyabonakala ukuthi uNxumalo ubengenaso isikhathi eside ebulewe.
Induna yaKwaNgenetsheni – ngaphansi kweNkosi uLanga Zulu – uMnu Ephraim Mthethwa, ithe selokhu kwenzeke lesi sigameko, kunokwesaba endaweni. Ithi bacela ukuba amaphoyisa aseNgome anikwe izinsiza-kusebenza, ngoba ngisho ebikelwa ngezigemegeme, afika ngolunye usuku ngoba engenawo amaveni okusebenza.
Iphoyisa lasesiteshini iNgome elingagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba, liqinisekisile ukuthi udaba bayalwazi nokuthi kunokushayisana ngokucatshangelwa ukuthi kwenzekile kuNxumalo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
`