Kunqamuke isibonelelo sengane okuthiwa seyashona

231

SKHOSIPHI MTHEMBU

UBHEKENE nengwadla owesifazane waseSiyembeni, eMtubatuba obeyoholela ingane yakhe imali yesibonelelo, kwavela ukuthi seyashona, kwaze kwadingeka ukuba avule icala.

Kubikwa ukuthi sekuphele izinyanga ezintathu unina wale ntombazanyana engayitholi imali yayo.

UNkz Silungile Khumalo, ongunina omdala wale ngane, uthe inkinga iqale kulo nyaka unina eyoyiholela esitolo sokudla, kwavela ukuthi imali kayikho. 

Uthe le mali ibiwusizo kakhulu enganeni ngezinto zesikole.

Okhulumela iSassa KwaZulu-Natal, uNkz Sandy Godlwana, uthe unina wengane kumele ayokwenza incwadi efungelwe emaphoyiseni bese eya nayo eMnyangweni
wezaseKhaya ukuze bezomenzela incwadi azoyihambisa emahhovisi abo. 

Uthe uma sekukhona leyo ncwadi, bazokwenza izinhlelo zokuthi abe ehola isibonelelo sengane okwesikhashana, ngesi-khathi kusaqhubeka uphenyo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokukhwabanisa kanti amaphoyisa asaphenya.

Previous articleAbokufika balahlwe ngelakubo bebanjwa nempahla kamasipala ebiza u-R1.9 million
Next article“Ukhalele” izisebenzi nezingane ecela ibheyili kwelokubulala ingoduso