Kunxenxwa izivakashi eSimangaliso Wetland

180

NONHLAKANIPHO SHINGA

UNKZ Thandi Shabalala oyi-Tourism, Marketing and Brand Manager, esiqiwini esikhulukazi Isimangaliso Wetland Park, enxenxa izivakashi ukuba zihambele ezinye zezindawo zabo njengoba kuyisikhathi samaholidi.

Lokhu ukusho ngesikhathi bekunomjikelezo wabezindaba kulepaki namhlanje. Uthi banezinto ezahlukene ezingajatshulelwa ngabadala nezingane.

Isimangaliso Wetland Park, yipaki elingama-hector angaphezulu kuka-332 000, kanti lisuka eMtubatuba, eSt. Lucia lize liyofika emngceleni ohlukanisa iNingizimu Africa neMozambique, iKosi Bay.

Previous articleBaqagula ezimnandi kubathengi ngenzalo yemalimboleko
Next articleIgcagcele esokeni kubalandeli bakaMsholozi “elaxaza” i-ANC