MTHOBISI SITHOLE
USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, unxuse izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT) ukuba zivote egameni lokuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi namuhla ngoLwesine okhethweni lomkhandlu wezitshudeni, iStudent Representative Council (SRC). Lokhu ukwenze emkhankasweni weSouth African Democratic Students’ Movement (Sadesmo) – okuyinhlangano edlelana ne-IFP. UMnu Ntuli uthe sekuyisikhathi sokuthi izitshudeni zibone ushintsho kuleli zwe ngokuthi zivotele iSadesmo.Â
UMnu Sanele Zondo omele i-IFP Youth Brigade (IFPYB) ephalemende, uthe uma kuphethe ezinye izinhlangano zabafundi kule nyuvesi, kaziliqedi inhlandla lazo ngenxa yezidubedube nokushiswa kwenyuvesi. Uveze ukuthi basemkhankasweni wokuthi le nyuvesi ibuye iphathwe yiSadesmo, ngokunjalo ne-University of Zululand (Unizulu) ne-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
“Intsha ikhathele kakhulu wukuphathwa yizigebengu. Yingakho nesifundazweni kufanele siphathwe yiNkatha ngonyaka ozayo,” kusho UMnu Zondo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukhetho lweSRC lwahlehliswa ngenxa yokuthi inyuvesi yathi ihlonipha uMntwana waKwaPhindangene owakhothama selusondele. I-MUT yasungulwa nguShenge ngo-1979.
UMNU Thami Ntuli ongowesithathu kusuka kwesokunxele, unxuse izitshudeni zaseMangosuthu ukuba zivote egameni likaShenge. ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE