kunyakazise umlazi ukushona kukathisha

744

THANDEKA NGOBESE
noNOMFUNDO NGWANE

SEKUSABALELE izinsolo zokuthi ulithole esibhedlela esizimele abelaliswe kusona ubhubhane lwe-corona uthisha waseMlazi obefundisa kwesinye sezikole zaseThekwini, oshone emuva kokuguliswa yileli gciwane. 

Lo thisha, esiligodlile igama lakhe, kuthiwa uke walaliswa esibhedlela esizimele saseThekwini ephethwe wumkhuhlane. 

Ubelaliswe nowesifazane osekhulile obesuka ekhaya labadala okusolwa ukuthi ubenaleli gciwane. 

Ngokuthola kweLANGA ngelungu lomndeni, nalo esingeke silidalule, umufi uphume kulesi sibhedlela enamaphepha awubufakazi bokuthi akanalo leli gciwane.

“Udadewethu uhlangatshezwe wuzakwabo asebenza naye ngoba kade esehloliwe watholakala ukuthi umsulwa kuleli gciwane. Into abafika bayithola wukuthi uphethwe yisifuba somoya. 

“Ebesisola ukuthi lesi sifuba usithole ngesikhathi kusha esikoleni lapho esebenza khona ekuqaleni kwalo nyaka.

“Ngemuva kwesonto ephume esibhedlela, ugulile wabuyela khona bafika bathola ukuthi usenaleli gciwane. Uzakwabo lo obemlande esibhedlela kuthe uma ehlolwa naye watholakala ukuthi usenalo. 

“Lokhu kakusho ukuthi balithole esikoleni njengoba abaningi besho kanjalo. Thina sisola ukuthi ulithathe esibhedlela wase elidlulisela kuzakwabo. Okusiphatha kabi siwumndeni wukuthi isibhedlela yindawo lapho sizitshela ukuthi umuntu uvikelekile khona. 

“Okusiphoxile wukuthi udadewethu uguliswe yisibhedlela ebesizitshela ukuthi sizomvikela angakutholi ukugula uma ekusona. Babuye bangasho lutho ngalokhu, udaba sesiluzwa selubhalwe emaphepheni,” kusho leli lungu lomndeni.

Uthi yize lesi simo abadlula kusona sibuhlungu, kodwa bakujabulele ukwesekwa abakuthola komakhelwane nakothisha besikole abefundisa kusona. 

Uthi bahlela ukumngcwaba ngoMgqibelo umufi.

“Kasiboni ukuthi yini esingayilinda ngoba vele umnyango wezempilo ususithumelele umqulu oshoyo ukuthi kufanele singcwabe kanjani,” kusho ilungu. 

Umufi kuthiwa ushiye abantwana abathathu.

Ukushona kwalo thisha kunyakazise kakhulu izakhamizi zaseMlazi, amaphaphu aba phezulu, kwazise indaba yokufa kwakhe lishone elangoLwesibili seyisabalele ezinkundleni zokuxhumana, abantu bekhuluma ngayo, bebabaza ukuthi igciwane selifikile eMlazi. 

Okunye okunyuse amaphaphu kakhulu wukutholakala kokuthi kunelinye ilungu lomndeni kamufi eselinalo leli gciwane. 

Leli lungu lifunda kwesinye sezikole zaseMlazi. 

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga, usedlulise amazwi enduduzo emndenini kathisha oshonile ngenxa ye-corona.

“Izindaba zokudlula kwalo thisha zisilimaze kakhulu. Izinhliziyo zethu ziyaqaqamba ngokulahleke-lwa ngomunye wothisha bethu ngalesi sikhathi lapho sibadinga kakhulu ukulekelela izingane zikhave isikhathi esilahlekile salezi zinsuku eziwu-21 kungafundwa,” kusho uNkk Motshekga.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Kwazi Mshengu, uthi nabo bafe olwembiza ngalo thisha oshonile. 

Ube esenxusa abantu ukuba baqikelele, bayinake imiyalezo yezempilo ethi kumele bangahlali basondelane, nokuwasha izandla ngaso sonke isikhathi.

Previous articleIphoyisa ehlazweni lemoto yokwebiwa
Next articleAbefundisi baboshwe beshumayela