Kunyamalale ongufakazi ecaleni lokubulawa kwendodana

65

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaNkambule eHlanzeni, eMkhuze, emuva kokunyamalala kwelungu lawo ebeliwufakazi ecaleni lokubulawa kwendodana yomfowabo, enguSphamandla Nkambule. 

Umndeni kaMnu Bhekifa Alton Nkambule (osesithombeni), uthi usumthungathe waze wancama emuva kokuba egcine ukubonakala ngoLwesibili ntambama. 

 USphamandla wabulawa ngoNhlangulana (June) 2022. Kubikwa ukuthi wahlaselwa ehleli noNkambule onyamalale emuva kokukhuluma ngecala emndenini wakhe, ewukhumbuza ukuthi sekusondele ukuba ayokwethula ubufakazi njengoba lizongena kuyona le nyanga.

UNkz Qhamukile Nkambule oyilungu lomndeni, uthi bagcine ukumbona ecela ukuba alungiselwe izimpahla azozigqoka ngosuku lwecala.

Uthi umphakathi ube usuphuma umbheka, kodwa wabuya ulambatha, kwabikelwa amaphoyisa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokunyamala komuntu, wathi kucelwa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane noDetective Sergeant TN Ndlovu ku-071 370 8781 noma ku-035 591 0001 noma ashayele eyamahhala ethi: 0860010111. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleKunyamalale ongufakazi ecaleni lokubulawa kwendodana
Next articleYinkombankombane ngesiteleka sase-Ushaka Marine