Umshushisi uthi akamtholi nalapho ahlala khona
SKHOSIPHI MTHEMBU
UKHALE ngokunyamalala kukafakazi wakhe wokugcina, obekulindeleke ukuba agibele ebhokisini lofakazi ayoqedela ubufakazi bakhe ngoLwebili umshushisi, ecaleni elibhekene nengoduso esolwa ngokubulala umyeni wayo owayengunjiniyela kwaTransnet, ngo- 2020. Libuyele ngoLwesibili eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala elibhekene noNkz Nompumelelo Goncalves owayengumhlengikazi, osolwa ngokuthenga izinkabi ukuba zibulale uMnu Nkosi Langa. UNkz Goncalves ongummangalelwa wesibili, waboshwa nomfowabo uMnu Nkosinathi Zungu, ongummangalelwa wokuqala. ILANGA labika kabanzi ngalolu daba, lapho kusolwa ukuthi umufi wathunjwa nguMnu Zungu ebambisene noJames “Ramaphosa” Mashudu-owaphenduka ufakazi wombuso emuva kokuvuma icala bayombulalela oZwathini, eNdwedwe.
URamaphosa wagwetshwa iminyaka ewu-20 ngalo leli cala. Kwabikwa ukuthi uNkz Goncalves, wakha itulo nalaba emuva kokuba ubudlelwano bakhe nomufi babungasebuhle. Umufi wabamba ukuthi uNkz Goncalves unomunye umakhalekhukhwini ayexoxa ngawo nowesilisa ayemsola ngokuthi ujola naye. Kwabikwa ukuthi umufi waze waya naye esiteshini samaphoyisa, basayina ngoba efuna ukuqinisekisa ukuthi akazange emshaye, yize ayemubambe ukuthi unobudlelwano nomunye wesilisa. Kwaphinde kwabikwa nangendlela abamthumba ngayo uMnu Langa. Kwavela ukuthi bazenza abantu ababeyobamba inkunzi, emuva kokuba uNkz Gancalves wayebalande ngemoto yakhe wabashiya eduze nomuzi wakhe.
NgoLwesibili, kulalelwe ubufakazi bukaMnu Pieter Osthuizen wenkampani yesiqophamkhondo (tracker), obesebuya okwesibili ngenhloso yokuyocacisa izinto ezimbalwa ngobufakazi abethula enkantolo. Umshushini kuleli cala, uMnu Krishen Shah, utshele ijaji elibambile uSolwazi Bonke Dumisa ukuthi ngabe uphothulile ngobufakazi bakhe ngoLwesibili, kodwa inkinga wukuthi akamtholi ufakazi obekulindeleke ukuthi agibele ebhokisini. Utshele inkantolo ukuthi akazi noma usefile yini lapho ekhona noma ubalekile ngenxa yokusatshiswa, ngoba akasamtholi nalapho ahlala khona. Uthe sekunesikhathi eside bezama ukumthola, okwenza aphoqeleke ukusonga ukwethula ofakazi. ILANGA lithole ukuthi lo fakazi ngowesifazane, futhi ungomunye wabamqoka, owayekhona emotweni ngesikhathi kwakhikwa itulo lokusoconga uMnu Langa. Lona wesifazane kusolwa ukuthi wayenobudlelwano nomunye wabasolwa. UMnu Shah utshele inkantolo ukuthi uma kuze kube kushaya uLwesine (namuhla) engatholakali ufakazi wakhe, uzosonga ngokwethula ofakazi bakhe, okuyobe sekusho ukuthi sekuyithuba labameli babamangalelwa ukuba bethule ababo ofakazi. Icala libe selihlehliselwa namuhlangoLwesine.