Kunzima kowebelwe usana ngowesifazane ‘obelugada’

429

YILONA lolu sana olunezinyanga ezingu 8 okusolwa ukuthi lwebiwe ngowesifazane obelugada.

SKHOSIPHI MTHEMBU

UKHIHLA esikaNandi owesifazane waseMagwaveni oThongathi owebelwe usana lwakhe, okusolwa ukuthi ngowesifazane obelugada obaleke nalo. Sinzima isimo emndenini wakwaGumede oThongathi kulandela ukuthi uNkz Zibuyile Gumede ebuye emsebenzini eseshaye wachitha owesifazane obemgadela ingane yakhe.

ILANGA likhulume noNkz Gumede obematasa nomndeni kanye namaphoyisa bethungatha lona wesifazane osolwa ngokuthi untshontshe ingane wabaleka nayo hambe nengane ekuseni ngoLwesithathu kanti kuze kube manje akaziwa ukuthi ukuphi.

UNkz Gumende uthi namanje kusenzima ukwamukela njengoba engazi ukuthi ingane yakhe ikuphi. Uthi lona wesifazane osolwayo ubenenyanga eyodwa emqashile ukuba amubhekele ingane.

“Ubejwayelene nesinye sezihlobo zami. Ngenxa yokuthi bengidinga umuntu ozongigadela ingane ngoba ngiyasebenza, ngibe sengicela yena ukuba engibhekele ingane, wavuma. Ube eseza ezohlala nathi ekhaya. Kuthe phakathi nenyanga, udadewethu wangitshela ukuthi ake simubhekisise kahle lona wesifazane ngenxa yokuthi ubenezinto azikhulumayo ezingehli kahle nezishayisa ngovalo ekubeni egada ingane. Ngigcine ngithatha isinqumo sokuthi kuzomele ngithole omunye umuntu ngoba sibona ukuthi izinto abezikhuluma bezisolisa futhi akuyena umuntu esingamethemba ngengane. Kuthe izolo (ngoLwesithathu) ekuseni sisemsebenzini, yena esele ekhaya nengane kanye nobaba, wavuka wafaka izinto kubhasikidi sengathi uyowasha kanti uzoshaya achithe nengane yami. Ubaba ubone engabuyi okuthe uma eyomubheka wathola ukuthi akekho,” kusho uNkz Gumede.

Eqhuba uthi bayile esokeni lakhe lona wesifazane abehlala nalo phambilini nalo lamulandula.

“Bakhona omakhelwane abaveze ukuthi bamubonile eyibelethile ingane emi ngasesitobhini. Kumanje simatasa sihambe siyabheka kodwa kasitholi lutho,” kusho uNkz Gumende obezwakala ukuthi ukhathazekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo uthe likhona icala elivuliwe kanti kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngalona wesifazane noma omubonayo asheyele inombolo yamahhala ethi 0860 010 111, noma abike esiteshini samaphoyisa esiseduzane.





ISITHOMBE:FACEBOOCK


Previous articleI-IFP ne-EFF badube inkulumo kaMeya weTheku
Next article“UKhongolose wesaba uZuma kuhle kwemamba emnyama” – Isidakwa