Kuphakanyiswa ukuvula ugwayi notshwala

1073

Izinombolo ezintsha zabatheleleka ngeCoronavirus zibonakala zehla

INTATHELI YELANGA

ZIKHIPHE isiphakamiso sokuba kuvulwe ukuthengiswa kogwayi notshwala futhi izwe lehliselwe esigabeni sesibili izinhlaka ezahlukene zokuphathwa kukahulumeni emhlanganweni ebezinawo neNational Coronavirus Command Council (NCCC) neKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa, naye uqobo umengameli ngoLwesibili. 

Kulindekele ukuba uMnu Ramaphosa obengusihlalo walo mhlangano amemezele isinqumo sakhe ngalezi zincomo lingakapheli isonto. 

Ngokombiko weNews24, kulo mhlangano kuvele ukuthi baningi abantu asebefisa kuvulwe ngokugcwele ukusebenza komnotho waseNingizimu Afrika. 

Lesi siphakamiso senziwe emuva kokuba zibonakale zehla izinombolo ezintsha zabantu abatheleleka ngeCoronavirus. 

Ngokombiko weNews24, imithombo yayo emine ithi kuvele ukuthi ukuvalwa kukagwayi kuwukhubaze kakhulu umnotho wakuleli nokuthi manje kasisekho isidingo sokuqhubeka nokuvalwa kwawo. 

Uveza nokuthi leli lizwe selilahlekelwe yizigidigidi zamarandi ngokuvalwa kogwayi notshwala njengoba kuyikho okungenisa imali eningi yentela. 

Ukuvalwa kogwayi kuthiwa kuphinde kwavula intuba yokuthi kwande ukudayiswa kogwayi ongekho emthethweni. Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule kuvalwe ukudayiswa kotshwala emuva kwemibiko yokuthi izibhedlela bezigcwele ngendlela exakile ngenxa yabantu abalimala ezingozini zomgwaqo kade beshayela bephuzile nabanye abagwazene noma bashayana sebedakiwe. 

Kuthiwa izikhulu ziveze ukuthi izibhedlela kazisagcwele njengasekuqaleni njengoba kubonakala ukuthi abantu abaningi bakuleli ababanjwe yileli gciwane bayalulama. 

Izingxoxo zokuvulwa kwezwe kuthiwa ziqale ngeSonto kukhona neForum of South African Directors-General (Fosad). 

Ngokusho kwemithombo yabezindaba, umnyango wamaphoyisa nowezokuvikela, nayo iveze ukuthi imibiko yakamuva ivuna ukuthi izwe selingavulwa. 

Omunye umthombo uveze ukuthi kulo mhlangano kuvele ukuthi kazisekho manje izizathu eziqinile ezenza uhulumeni uqhubeke nokuqinisa isandla ekuvalweni kwezwe. 

“Ukuvalwa kwezwe kuvele ukuthi kakusaphusile manje njengoba umnotho uthikamezeke kanga.

Previous articleUCobra usekulungele ukuqeqesha uSuthu
Next articleBanikwe isidumbu sowaseNdiya esabo sesilothisiwe