Kuphazamiseke izimoto befuna ithimba eliqondene namacala okunyamalala kwezingane

184

SKHOSIPHI MTHEMBU

APHUME agcwala imigwaqo amalungu omphakathi waseMthwalume, kwaphazamiseka ukuhamba kwezimoto ngoLwesihlanu efuna kusungulwe ithimba elizobhekana namacala okunyamalala kwabesifazane nezingane, okuyinto edla lubi kule ndawo. 

Ngeledlule ILANGA libike ngokutholwa kwesidumbu sikaSnethemba Ngcece (8) (osesithombeni)  obesekuphele amasonto amabili enyamalele. 

USnethemba wanyamalala ebuya esikoleni, ayehamba nabo bathi bamgcina eyothenga uswidi esitolo. 

Kwabikwa ukuthi abasesitolo bathi wafika, kodwa kababonanga ukuthi uphume wabhekaphi. 

Kuvele ukuthi uSnethemba unyamalala nje, umndeni wakwaKhawula nawo wehlelwe wumshophi ofanayo, kunyamalala ingane yawo uLwenkosi (8). 

Yena sekuphele inyanga wanyamalala. 

Leli phephandaba likhulume noMnu Sbonelo Khawula, onguninalume kaLwenkosi, othe namanje basaphuma
inqina beyobheka emahlathini, nasezintabeni. 

Uthe ingane bagcina ukuyibona ibaleka nezinye emuva kokuganga, zijikijela imoto emgwaqweni. 

Lezi zigameko seziwukhathaze kakhulu umphakathi njengoba usola amaphoyisa akule ndawo ngokuzithela ngabandayo uma kumele enze umsebenzi wawo.

UMnu Lucky Bhuyeni ongusihlalo weCommunity Policing Forum yakuleya ndawo, uthe umphakathi ufuna kusungulwe ithimba elizobhekana namacala aphathelene nokunyamalala kwabantu eMthwalume. 

Uthe lezi zigameko ziyabakhathaza ngoba iningi labantu abanyamalalayo kabatholakali, abanye batholwa sebebulewe. 

UNkz Nombuso Sibisi ongusihlalo weWomen if Mthwalume, okuyinhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kule ndawo, uthe banika iziphathimandla izinsuku eziwu-7 ukuba zisungule ithimba elizobhekana nala macala. 

“Sikhathele wukunyamalala kwabantu batholwe sebebulewe, maqede kuthuleke, kungaboshwa muntu,” kusho uNkz Sibisi.

Previous articleAyeneqhaza elikhulu amakolishi othisha
Next articleIfaniswe noMose iNkosi yamaHlubi