NHLANHLA HUDLA
KUZOPHELA amaphupho ngaba-dlali abangase bagcine bemele elakuleli kwiNdebe yoMhlaba ye-bhola lombhoxo ezogijinyelwa eJapan ngoMandulo (September).
Kulindeleke ukuba umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Eras-mus amemezele isikwati esisazo-hlungwa.
U-Erasmus ufike izinto zimape-ketwane kuleli qembu ethatha isikhundla ebesishiywe ngu-Alli-ster Coetzee owasula ngenxa yoku-phikwa yimiphumela.
Nakuba iqembu lizomenyezelwa namuhla ngoMsombuluko kodwa kusamele ligijime imidlalo yeRu-gby Championship ezokuba mfi-shane ngenxa yemidlalo yomhlaba.
Elakuleli lizovula le midlalo ngokubhekana ne-Australia mhla ka-20 kwephezulu eGoli ngapha-mbi kokubhekisa amabombo eNew Zealand bese livala ngohambo lwase-Argentina.
Leli qembu selivele liwaqalile amalungiselelo ale midlalo nje-ngoba likhempe ePretoria.
- Kuzo ezebhola lombhoxo, iJa-guares yase-Argentina iqophe umlando izibekisela indawo em-dlalweni wamanqamu weSuper Rugby ibhaxabula iBrumbies yase-Australia ngo-39-7 ngoMgqibelo e-Argentina.
Leli qembu lizobhekana nezi-khondlakhondla zaseNew Zealand, iCrusaders evikela le ndebe esiyi-nqobe amahlandla amabili kula-ndelana, kanti ibheke ukuyinqoba okweshumi selokhu yasungulwa ngo-1996.
ICrusaders, okuyiyona esinqobe lo mqhudelwano izikhawu ezini-ngi, ithele othulini omkhaya bayo iHurricanes ngo-30-26 ngempelasonto.
Umdlalo wamanqamu uzokuba ngoMgqibelo eNew Zealand. Nokho ukungenzi kahle kwama-qembu aseNingizimu Afrika ku-shayisa ngovalo ngebanga elizohanjwa ngamaBhokobhoko emi-dlalweni yeNdebe yoMhlaba.