NONHLAKANIPHO SHINGA
BALAHLWE ngawakubo abasolwa abathathu ababanjwe oqotsheni belayishe inyama yezinkomo zokwebiwa eScolberg, eVryheid ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, abasolwa bantshontshe izinkomo eziwu-7 zikaMnu Vusumuzi Buthelezi ngoLwesine, bayozifihla ehlathini.
UButhelezi uthi ulandele umkhondo nomelusi wakhe, baze bababhadama ehlathini, bematasa behlinza izinkomo zakhe.
“Ngishayele abantu abanamapulazi endaweni esibabambe kuyona – omunye wabo ngisebenza kuyena – base beyangilekelela, salikaka ihlathi ukuze abasolwa bangaphunyuki,” esho.
Uthi bashayele amaphoyisa, abasolwa baphuma ehlathini sebelindiwe, baboshwa.
Ngokuthola kweLANGA, abalimi balala bengalele eVryheid ngenxa yokwesaba ukuthi bazovuka sekukhala ibhungezi ezibayeni zabo.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba, liqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile, nokuthi abasolwa abathathu baboshiwe ngoLwesihlanu ebusuku.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za