Kuphele amaphupho ngeComrades

334

Bekugcwele eMoses Mabhida kubonakala ukuthi abantu bese bewulambele lo mjaho

ABASUBATHI abanqobe iComrades kubona bobubili ubulili ngokwahlukana bejabulela imiklomelo yabo. Kwabesifazane kunqobe u-Alexandra Morozova waseRussia
kanti kwabesilisa kuphume phambili uTete Dijana wase North West

MZWAMANDLA ZONDI
KUBUKEKA kusenzima ukuba kugxile ezingqondweni zabantu ubumqoka bokungaphazanyiswa kwabasubathi kwiComrades Marathon ebuye ngesasasa izolo ngeSonto isukela eCity Hall yaseMgungundlovu yasongwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mjaho uqhubekile nokuheha izindimbane zabantu emzileni. Bekucaca ukuthi sekunesikhathi bewukhumbula umuzwa wokuthokozela nokukhuthaza abasubathi emzileni. Noma ususondela ngasekungeneni kweTheku, bekucaca ukuthi abantu bawuzwa ngaphakathi lo mjaho. Indlela obekugcwele ngayo ngaphandle nangaphakathi eMabhida, yenze kwabonakala ukuthi kungani lo mjaho ubalwa nemikhulukazi emhlabeni.


Nokhoke okubi wukuthi abantu kabafuni ukulalela nxa bekhuzwa ngomkhuba wokuvimba abasubathi emzileni. Abanye bebebaphazamisa befuna ukuthatha izithombe nabo, kanti abanye bebebathela ngamanzi, okuyinto engavumelekile kulo mjaho. Khona kuyaqondakala ukuthi basuke begajwe yinjabulo nokukhuthaza abasubathi, kodwa kumele umphakathi ufundisane ngezinto ezingemukelekile emzileni walo mjaho.Ngomunye unyaka nje, uBongumusa Mthembu wakhuza ozakwethu siselolini elisuke lithwele abezindaba, ethi bangalimemezi igama lakhe emzileni. Uma ungumuntu okukhuthalele ukugijima, uyakwazi ukuqonda ukuthi kwesinye isikhathi ubuye ube nenhliziyo encane.

Kwesinye isikhathi ucikwa ukubanjwa ngamajaqamba, okwenza kube nzima ukugijima. Umgijimi osemzileni, kwesinye isikhathi usuke engasafuni ukuma ngoba esezitshele ukuthi uzofike alale ja uma eqeda umjaho. Ezinye izibukeli zalo mjaho bezibonakala zigcwala umgwaqo okugcina abanye babasubathi bephazamiseka. Kwesinye isigameko nje, omunye wabasubathi obejatshulelwa, uze washaya isibukeli ngenxa yokuthi ubevimbeka. Uma ugijima, ikakhulukazi uphambili, uyaphuma emjahweni uma uphazamiseka. Yize kunjalo, lo mjaho uhambe kahle kakhulu lapho izibukeli bezigcwele umgwaqo zihalalisela abasubathi. Umjaho usasuka, kuphume u-Onalenna Khonkhobe ozihole baze bamdlula uma sekubhekwe ePinetown. Ngaleso sikhathi kuphume uTete Dijana no-Edward Mothibi, abahambe phambili baze bafika ngaseSherwood. Kube sekuphuma uDijana waze wayodla umhlanganiso ngo-5:30:38 elandelwa nguMothibi ngo-5:33:45.
zondim@ilanganews.co.za

Previous articleKubungazwe olokuzalwa lukaShenge
Next article‘Izelamani zibulale unina zifuna ifa