Kuphelile ngoBravo B kwiBig Brother Mzansi

168

THANDI ZONDI

UPHENYO lakwa-Multichoice luholele kwisinqumo sokuba axoshwe uLindokuhle Nsele owaziwa ngelikaBravo B. Bephawula ngokwenzeke kwi- Big Brother Mzansi esitatimendeni bathe inkulumo phakathi kukaBravo B noMakhekhe ibibucayi baqoka ukuthatha izinyathelo.

“Siyakugxeka ukuziphatha okungase kube yingozi kwabanye abahlala endlini abayingxenye yohlelo, futhi udlame olubhekiswe kwabesifazane kasiluthatheli phansi.”

Kuzokhumbuleka ukuthi lensizwa yakwaNongoma, yazethula kulolu hlelo njengomlandeli wokuqina kaKhuzani.

Kukholakala ukuthi lenkulumo yayithola indawo kwi-Blue Nation nakuKhuzani njengoba bebemkhankasela.

UKhuzani ubhale izikhawu zaze zambili ngoBravo B kuFacebook wakhe. Okukuqala ufake isithombe, kokwesibili wafaka ivideo enoBravo B amukelwa uLawrence Maleka esteji phambi kwezihlwele, nokuyilapho eveze khona uthando lukaKhuzani.

Ngalolusuku uBravo B ubeswenke econsa egqoke isudi eluhlaza sasibhakabhala (blue) wabeka nethawula ehlombe.

Previous articleOwoKhozi uvulele uNdlovu icala
Next articleSekuqokwe uNdunankulu wesizwe samaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi