Kuphelile ukuqagela ngamaqembu azobusa iKwaZulu-Natal

161

LUCKY CAIN

KUPHELILE ukuqagela ngembumba yamaqembu azohola uHulumeni waKwaZulu-Natal emuva kokuba iNFP – ngomlomo kamengameli wayo, uMnu Irvin Barnes, obekhuuma esigcawini sabezindaba namuhla ngoLwesine – inqume ukusebenisana ne-IFP, ANC neDA.


UBarnes uthe isizathu esiholele ekutheni bakhethe ukusebenzisana nala maqembu, wukuthi ukuhlangana kwawo kuzoyisa lesi sifundazwe phambili. Uthe kuningi abakubhekile ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo namaqembu ahlukene. Uphawule nangomhlangano abe nawo ne-IFP, wathiKuphelile uqale ngokuthi bakhumelane umlotha, kulungiswe izinkinga zakudala ezikhona phakathi kweqembu lakhe neNkatha.

Uveze ukuthi ezingxoxweni ababenazo nala maqembu, kabazange badingide udaba lwezikhundla njengoba begcine ngokuvumelana ngokuthi undunankulu uzoqhamuka kwi-IFP, usomlomo aqhamuke kwi-ANC bese kuthi iphini likasomlomo liphume kwi-DA.

Previous articleUzishaye isifuba uKaunda eshiya eThekwini
Next articleKuye ngamagama eMKP kufungiswa amalungu ePhalamende